ukulima ukotapheya - agricultural research council library/cultivating... · 2014-06-20 · ukulima...

25
ARC-Institute for Tropical and Subtropical Crops Cultivating Avocado - Zulu Ukulima Ukotapheya

Upload: dotruc

Post on 30-Jun-2019

214 views

Category:

Documents


0 download

TRANSCRIPT

ARC-Institute for Tropical and Subtropical CropsCultivating Avocado - Zulu

UkulimaUkotapheya

2008

Information provided by

ISBN 978-1-86849-439-2

ARC-Institute for Tropical and Subtropical CropsPrivate Bag X11208, Nelspruit, 1200

Tel. (013) 753-7000Fax (013) 752-3854

Ukulima ukotapheya

Okwelekelela umthengi

1

Ukotapheya unamaphrotheni amaningi, amakhabhohydrethi kanyenamaminerali bese kuthi uwoyela ube nama-fatty esidi a-polyunsaturated.Isithelo esisodwa seFuerte sinikeza amaphesenti anele anikeza ukudlaokunebhalansi emzimbeni.

Ikhwalithi yezihlahla ezitshalwe engadini yizona ezikhomba impumeleloyebhizinisi. Izihlahla ezinganakekelwe engadini ngeke zichume kahle,ngisho umthengi angazinakekela kanjani kodwa zingasheshe zife.

2

Izidingo zesimo sendawo

Izitsha zokutshala kanye nokukhula kwezimpande

Ukukhula kwazo

Ifolishi

Ukuhlanganisa ihlumela

Uhlobo lweMexican races

• Ubungako bezitsha zokutshala lapho kuzokhula khona izitshalo,zibalulekile.

• Uma izitsha zincane, lokho kusho ukuthi ukunakekela okukhulukuyadingeka emva kokutshala izihlahla ensimini ukuqinisekisaukuphila kwazo.

• Uma izitsha zinkulu, izimpande zizokhula kahle bese konke kubayimpumelelo.

• Ubumba luvimba izimbobo zokukhipha amanzi ezitsheni zepulasitiki.• Ingxube yenhlabathi elula yenza amanzi adlule kalula bese yenza

kube lula ukukhula kwezimpande.• Uma ingxube ilula, inhlabathi iguguleka kalula ezimbotsheni

zokukhipha amanzi, okwenza izimpande zigcine sezihleli obala.

• Ifolishi lesihlahla likhombisa ukuphila kwaso. Isihlahla esinempilosiyacwebezela sibe nombala oluhlaza ngokujiyile.

• Amaqabunga angakhekile kahle noma angenambala ayisibonakalisosokuthi isihlahla asikhulanga kahle ngesikhathi sisesendaweniyezihlahla. Kungabuye kukhombe isifo esithile.

• Amaqabunga kumele ahlolwe ukuze kubhekwe izilokazane kanyenanoma yiluphi uhlobo lokukhubazeka.

• Noma yikuphi lapho kuhlangana khona ihlumela, uma kubonakalakukukhulu kukhombisa ukungafaneleki.

• Isihlahla esisezingeni eliphezulu kumele sibe nokuhlangana okuhle,kube kuncane noma kungabi bikho okungajwayelekile esiqwini,noma ngaphezulu noma ngaphansi kokuhlanganisa ihlumela.

Izinhlobo ezintathu ezaziwa kakhulu zikakotapheya, leyo naleyo nhlobo ibanohlobo oluthile lwesimo sendawo eludingayo ukuze ikhule kahle.Uhlobo lwe-West Indian ludabuka emswakameni ezindaweni eziphansi ezi-tropical zaphakathi neMelika, ziyakwazi ukutshaleka endaweni enokushisanomswakama ebuye ibe nezimvula eziningi zasehlobo. Njengazo zonkeizinhlobo zokotapheya lolu aluzwani nesomiso kanye nesithwathwa(isilinganiso sezinga eliphansi lokushisa elingu-1.5 °C). Okuyilona zingalokushisa lokukhula elingama-25 kuya kwangama-28 °C. Umswakamaokungenani kumele ube ngaphezu kwama-60%.

ludabuka ezindaweni ezibandayo ezi-subtropical zamahlathi aphakeme aseMexico kanti izihlahla esezikhulile

3

zikwazi ukumela amazinga okushisa amane kuya kwama-5 °C. Akumelezitshalwe ezindaweni ezinesithwathwa ngenyanga ka-AgastinoSepthemba, ngenxa yokuthi izimbali zilinyazwa kalula yisithwathwa.Izinga lomswakama elingama-45 kuya kwama-60% lanele. Okuyilona zingalokukhula ama-20 kuya kuma-24 °C.

ludabuka ezindaweni ezi-tropical eziphakemezaseGuatemala kanti zidinga ukuphola , isimo esi-tropical ngaphandlekwamazinga okushisa amakhulu noma umswakama. Izihlahla zingamelananesithwathwa esincane, esiphansi ngamazinga ama-2 °C, kepha izimbaliziyazwela esithwathweni. Amazinga okushisa aphezulu athi awabe ngama-38 °C, ikakhulukazi uma ehlangene nomswakama ophansi angehlisa izingalezimbali nelezithelo. Kudingeka izinga lomswakama elingama-65 %nangaphezulu.

• Uhlobo lweFuerte, yilona olujwayeleke kakhulu eNingizimu Afrika,luyinhlanganisela yohlobo lwe-Mexican kanye ne-Guatemalan kantilubekezela kakhulu (ikakhulukazi uma kubanda) kunohlobo lwe-Guatemalan.

• Okuyilona zinga eliphansi lokushisa lokukhula elithi alibe li-4 °C,kepha asikho isithwathwa esibekezelekayo ngesikhathi sokuqhakazakwezimbali.

• Okuyilona zinga elamukelekile lokushisa, lokhukhula elingama-20kuya kuma-24 °C, kuthi ukushisa okukhulu, ikakhulukazi ngesikhathisokuqhakaza kwezimbali asibekezeleleki kahle.

• Lolu hlobo luzwela kakhulu kunezinye ezimweni zezulu ezingezinhlengesikhathi sokuqhakaza kwezimbali. Ukushisa, nezimo zesomisozingenza isivuno singabi sihle ngenxa yokwehla kwezinga lezithelonezimbali.

• Izimo ezipholile ezi-suptropical zibe namazinga okushisa angama-20kuya kuma-24 °C.

• Isithwathwa esincane singabekezeleka, ngaphandle kwesikhathisokuqhakaza kwezimbali kanye nokulunga kwezithelo (ngo-AgastinoSepthemba).

• I-Fuerte, ukushisa okufanele kwansuku zonke ngesikhathisokuqhakaza kwezimbali kumele kube ngaphezu kwe-18,5 °C,kepha nakanjani abe ngaphezu kwe-13 °C.

• Izinga lomswakama eliphezulu lidingekile, ngoba lehlisa isimosokuphatheka kabi (ikakhulukazi ukushisa okukhulu), okuyikonaokubamba iqhaza elikhulu ngesikhathi sokuqhakaza kwezimbalikanye nokulunga kwezithelo.

• Izindawo ezinenkungu zalapha eNingizimu Afrika yizonaezikulungele lokhu. Umswakama kumele ube ngaphezu kwama-50 % ngehora le-14:00.

Uhlobo lweGuatemalan

Amazinga okushisa

Umswakama

4

Izidingo zenhlabathi

Imvula

Umoya

Izindlela zokuhlola inhlabathi

Umbala

Zonke izinhlobo zokotapheya ezilinyelwa ukudayiswa lapha eNingizimuAfrika azikwazi ukumelana nokungabi bikho kwamanzi. Ngonyakakudingeka isikali samanzi esingaphezu kwe-1000 mm, futhi okumeleatholakale kahle, ngaphandle kwangesikhathi sesomiso okunguJuninoJulayi. Nakuba kunjalo izindawo eziningi ezikulungele ukutshala zibanesomiso ngesikhathi sokuqhakaza kwezimbali, okwenza kube nesidingosokunisela.

Ukotapheya uba namagatsha antekenteke alinyazwa kalula umoya. Iningilezisihla ezehlisa izinga likakotapheya lidalwa umonakalo owenziwaumoya.

Uma kubhekwa ngokwesimo sendawo, okuyizona zindawo zokutshalaukotapheya ozothengiswa yilezo ezipholile, ezi-subtropical engxenyeniyaseMpumalanga kanye neSifundazwe saseNyakatho kanye naKwaZulu-Natali lapho izinga lokuna kwezimvula liphezulu nenkungu ikhona.

Isihlahla sikakotapheya esinempilo siba nezimpande ezingangenisa umoyaukushona phansi okuyimitha elilodwa. Ukubola kwezimpande kungavelangokushesha enhlabathini eminyene. Kubalulekile ukubhekakusenesikhathi ukulunga kwenhlabathi ekulimeni ukotapheya.

Inhlabathi ingahlolwa ngokumba imigodi eyimitha nohhafu ukuya phansiezindaweni lapho kunezinhlobo ezahlukene zenhlabathi. Noma ngabeinhlabathi engaphezulu ibukeka sengathi eyohlobo olulodwa, kubalulekileukuthi kumbiwe okungenani umgodi owodwa ngehektha.Ezindaweni eziyizintaba imigodi kumele imbiwe ezindaweni ezahlukeneukuze kutholakale kahle uhlobo lwenhlabathi. Isibonelo, kubalulekileukumba imisele yamanzi ukuvimba amanzi ukuthi angakhuphuki kakhulu.

Izinto okumele ziqikelelwe uma kumbiwa umgodi; umbala, uhlobo, isimo,iziqeshana, ukhonkolo, amatshe kanjalo nokushona phansi kwenhlabathi.

• Okuyiyona nhlabathi elungile ebomvu okunsundu, ebomvu kanyenensundu ngokujiyile ikakhulukazi enhlabathini engaphezulu.

5

• Ukuma kwamanzi kwesikhashana noma unomphela okuba nokubolakwezimpande kwenzeka kakhulu enhlabathini ephuzi, ensundungokukhanyayo kanye nemhlophe.

• Inhlabathi emnyama kakhulu iba nobumba olukhulu olungenza kubenzima ukukhula kwezimpande, noma izinto eziningi zemveloezingaholela ekuthini kube ne-esidi eningi kanye noshevuwokusansimbi.

Ukotapheya wenza kahle enhlabathini enobumba olungama-20 kuya kuma-40 %. Uma ubumba lungaphansi kwama-20 % inhlabathi isuke iwagcinakancane amanzi, ngaphandle uma kunganiselwa izihlahla ngeke zibulaweyisomiso.

Inhlabathi enobumba oluningi yenza kube nzima ukunisela ngoba ukuniselaokukhulu nemvula eningi kwenza inhlabathi ingabe isakwazi ukwenzaumkhiqizo omuhle. Lokho kusho ukuthi amanzi amunceka kancaneokwenza ukuba izimpande zibole.

Enhlabathini enamaqhuzu amakhulu noma amancane njengenhlabathiengathi uma yomile ibe amatshe aqinile, ukukhula kwezimpandekuyakhinyabezeka. Okuyiyona nhlabathi kakotapheya iba namaqhuzuamancane futhi acoyisakele uma kunesomiso.

Uma kuneleya enombala okhanyayo eneziqeshana eziningi, yenzekaendaweni eyi-1,8 m ngaphansi komhlabathi, kungalindeleka izinkingazezimpande, ikakhulukazi uma kuniselwa. Uhlobo olunjalo lwenhlabathilungathathwa njengoluphakathi noma olungalungile ekutshalwenikukakotapheya.

Izidingo ezifanayo mayelana nokujula zenzeka kukhonkolo omnyama (I-iron ne-manganese) enhlabathini ekhanyayo. Uma ukhonkolo nomaamatshe kuvela njengobhuqu kuba ngaphezu kwama-30 % enhlabathiniukugcina kwamanzi kwaleyo nhlabathi kuyakhinyabezeka, indlelayokunisela kumele ihlelwe ngendlela.

• Ulwazi ezintweni ezinjengamanzi, i-sodium kanye nomcakowamahhala okhona kutholakala uma kucutshungulwa inhlabathiethathwe emigodini embiwe.

Ubunjalo

Isimo

Iziqeshana

Okhonkolo namatshe

Okutholakala enhlabathini

6

Izinhlobo

Ubunjalo besihlahla

Okujwayelekile

Izinyanga zokuqhakaza nokuvuna

Izindawo ezifudumele Izindawo ezipholile

Ukuqhakaza: Ukuvuna

Izinyanga zokuqhakaza nokuvuna

Izindawo ezifudumele Izindawo ezipholile

Ukuqhakaza: Ukuvuna

Ubunjalo besihlahla

• Ubungako be-pH (emanzini) benhlabathi kakotapheya kumele kubephakathi kwemi-5,0 kanye neyi-7,0. Ngaphandle uma kuzobanezindleko ezinkulu nangesikhathi eside lapho kungashintshwakhona ubungako be-pH engaphansi kwe-3,5 ukwenza inhlabathiikulungele ukukhiqiza ukotapheya.

Abalimi bakakotapheya kumele bakhiqize isivuno sezinga eliphezulunezithelo ezinhle, ezamukelekile kumthengi. Ngeke kube uhlobo olulodwaolungagculisa izidingo zomlimi, opakishayo, odayisayo kanye nothengayongesikhathi esisodwa.

Ukwenza umkhiqizo omuhle

Indlela isihlahla esikhula ngayo: Siba sikhulu senabeUkuqina: sibekezelela amazinga okushisa angaphansi kwama - 4 °C

Izithiyo: Ukushintshanisa ukuthela, ukuzwela ezimweni ezithile zendawo Ukuphawula : Ukuthela kwezithelo kukhinyabezwa ukuphuma kwempovaUkugcinwa emva kokuvunwa: ukuzwela ekuphathweni ngesikhathisesilondoloziwe

Juni - Septhemba Julayi -OkthobaMashi - Agasti Meyi - Novemba

Umkhiqizo omuhle ezindaweni ezipholile. Isithelo siba sincane ezindaweniezifudumele

Julayi - Septhemba Agasti - OkthobaJuni - Okthoba Agasti - Disemba

Indlela isihlahla esikhula ngayo: Sikhula siye phezulu, sikhula kancane

Ukuqina: sibekezelela amazinga okushisa angaphansi kwama - 2 °C

I-Fuerte

I-Hass

7

Okujwayelekile

Izinyanga zokuqhakaza nokuvuna

Izindawo ezifudumele Izindawo ezipholile

Ukuqhakaza:Ukuvuna

Ubunjalo besihlahla

Okujwayelekile

Izinyanga zokuqhakaza nokuvuna

Izindawo ezifudumele Izindawo ezipholile

Ukuvuna

Ubunjalo besihlahla

Okujwayelekile

Izithiyo: Isihlahla siba sincane ngokweminyaka kanye nasezindaweniezifudumele.

Ukuphawula : Kukhinyabezwa yizinto ezisendaweni

Ukugcinwa emva kokuvunwa: kuhle

Ikahle ithwala okusindayo

Septhemba - Okthoba Agasti - OkthobaJuni

Indlela isihlahla esikhula ngayo: Senaba kahle nje

Ukuqina: sibekezelela amazinga okushisa angaphansi kwa1 kuya ku-2 °C

Izithiyo: ukuqhakaza nokulunga kwesithelo kwenzeka emva kwesikhathi

Ukuphawula : isithelo singonakala ngaphakathi uma sikhiwe sesivuthwekakhulu

Ukugcinwa emva kokuvunwa: masikhiwe sesivuthiwe ukugwema izinkingaemva kokuvunwa

Umkhiqizo omuhle, zikhiqiza kakhulu futhi kahle

Septhemba - Disemba

Indlela isihlahla esikhula ngayo: Sikhula siye phezulu, sikhula kahle

Ukuqina: sibekezelela isithwathwa

Izithiyo: izithelo azibi zinhle, kwesinye isikhathi izithelo azithambi

Ukuphawula : silungele ukutshalwa ezindaweni ezomile eziphakathi nezwe

Ukugcinwa emva kokuvunwa: okukahle

I-Pinkerton

I-Ryan

8

Ukulungisa inhlabathiKubalulekile ukuhlola inhlabathi ukuthi ngabe ilungile yini mayelananokujula, nokumunca amanzi kanye nokugqisheka kwayo (bheka izindlelazokuhlola inhlabathi).

Isampula elimele ingadi kumele lithathwe liyocutshungulwa. Kubalulekileukuthatha isampula lenhlabathi ezinyangeni eziyi-9 kodwa kuncomekakakhulu ezinyangeni eziyi-12 kuya kwezingama-24 ngaphambi kokutshala.Lokhu kunikeza umlimi isikhathi esanele sokulungisa inhlabathiikakhulukazi uma kuzodingeka umcako omningi.

Kubalulekile ukuthi isampula limele inhlabathi yohlobo olulodwa umakungekho umahluko obonakalayo enhlabathini. Uma kunomehlukowombala nobunjalo benhlabathi kuleyo ndawo, umhlaba kumelewehlukaniswe ngendlela bese kuthathwa amasampula ahlukeneezindaweni ezahlukene.

Kungasetshenziswa i-auger noma ifosholo ukuthatha amasampula.

Lokhu kumele kusuke endaweni eyi-0, kuya ku-0,3 m enhlabathini ephezulukanye no-0,3 kuya ku-0,5 enhlabathini ephansi.

Isampula kumele lakhiwe okungenani ngamasampula amancane ayi-10(nangaphezulu). Indawo emelwe yisampula kumele ingabi ngaphezukwamahektha ama-3.

• Amasampulana amancane omhlaba othile kumele afakwe esitsheniesihlanzekile (hhayi isikhwama sikamanyolo) axutshwe kahle.

• Isampula elingama-kg amabili elithathwe kulokhu, lifakwaesikhwameni sikapulasitiki esihlanzekile bese sihanjiswa,kuyocutshungulwa.

• Lelo nalelo sampula kumele libhalwe kucace. Igama lalowoothumele, inombolo yomhlaba kanye nokujula kwalapho isampulalithathwe khona, kumele kuvele kwilebula.

• Namathisela ilebula ngaphandle kwesitsha.

Imiphumela yokucubungula izonikeza ulwazi oludingekile ohlotsheni kanyenobungako bukamanyolo okumele ufakwe ngaphambi kokuba kutshalwe.Uma kudingekile, umcako noma i-phosphate kumele kufakwe kahleenhlabathini ngaphambi kokutshala.

Ukusampula inhlabathi

Ukujula kokuthatha amasampula

Inani lamasampula

Ukuxuba nokupakisha

9

Isimo sensimu

Indlela yokulungisa inhlabathiInhlabathi kumele ihlukaniswe ijule kakhulu ngaphambi kokuba kutshalwe.Kulesi simo kungeze kwalunga ukuba kwenziwe imigodi emikhuluokuzotshalwa kuyo.

• Uma inhlabathi ine-esidi eningi, kudingeka umcako omningiozofakwa khona. Umcako ongaphezu kukahhafu kumele ufazweendaweni okuzotshalwa kuyo, uhlanganiswe nenhlabathiengaphezulu bese kutshalwa kushonwe phansi okungenaniezinyangeni ezi-2 ngaphambi kokuthi kutshalwe, kuhlanganiswenenhlabathi engaphezulu ngokulinywa kushone phansi.

• Umcako oyi-calcium uthatha isikhathi ukushona phansi enhlabathiningakho-ke kumele ufakwe endaweni ezoba eyezimpande zezihlahla.

• Isitshalo sokwemboza sesingatshalwa, silinywe esikhathiniesiyizinyanga eziyi-6 ukuthuthukisa umsoco wenhlabathi.

• Umcako osele (ikota) nayo yonke i-phosphate esele kumele kufazwekufakwe ngasikhathi sinye. Izihlahla zingatshalwa emuvakwezinyanga ezintathu.

• Uma amasampula enhlabathi engathathwanga ngesikhathi esifaneleukuze kuqhubeke njengoba kuchaziwe, okungaphezu kukahhafukomcako kumele kuhlanganiswe nenhlabathi bese kulinywa kushonephansi. I-phosphate nawo wonke umcako osele kumele kufakwekahle enhlabathini. Uma kudingeka umcako omningi kumele ufakweezinyangeni ezintathu ngaphambi kokuthi kutshalwe (njengobakuchaziwe), kuhlanganiswe kahle nenhlabathi kushone phansi.

• Uma ukujula kwenhlabathi kungalungile kodwa kwamukelekile,kuyancomeka ukuthi kwenziwe imisele ethi ayibe 0, 5 m ubude kanyeno-3 m ububanzi. Izihlahla zizobe sezitshalwa kule misele.

• Kubalulekile ukungafaki umanyolo maduzane emva kokutshalaizihlahla. Izihlahla kumele ziqale zisimame ngaphambi kokuthikufakwe umanyolo. Esikhathini esiningi kuyancomeka ukuthikekulindwe unyaka. Lokhu kumele kufakwe kancane. Umanyolokumele ufakwe kahle ungahlangani nesiqu sesihlahla. Ukuniselaokusheshayo kuyadingeka.

Insimu kakotapheya kumele ikhiqize phakathi kweminyaka eyi-7 kuyakweyi-10.

Zintathu izindlela okungahlelwa ngazo izihlahla ensimini:• Okumakhonamane (okuholela emigqeni yezihlahla eyi-hedge)• Isikwele (okuholela ekushintsheni indlela uma ziphundlwa

ngokunqumayo)• Ezime njenge-diamond (okuholela ekushintsheni indlela izihlahla

ezime ngayo uma kade ziphundlwa).

10

Uma izihlahla zehlukaniswe ngendlela yokuthi akukho ukuphundlwaokudingekayo ngesikhathi sensimu, ngaphezu kusetshenziswa kuphelaindawo engaphezu kwama-50 %. Ukusetshenziswa ngendlela komhlabakusho ukuthi izihlahla ziyasondelaniswa ukuze ziphundlwe ngendlelanangokukhethwa esikhathini esilandelayo.

Asikho isiqinisekiso sokuthi kukhona uhlobo lwesimo sensimu esingugo.Indlela yokwehlukanisa kanye nephethini yokutshala incike kulokhuokulandelayo:

• Uhlobo• Indawo yensimu (isb. Ebheke iningizimu noma impumalanga)• Uhlobo lwenhlabathi nokujula• Umkhiqizo olindelwe manje nasesikhathini esizayo• Ukusebenzisa imishini, okuya ngensimu• Indlela yokuphundla

Isinqumo sokugcina kumele sibhekiswe emithethweni yezomnotho, ngobalokho nalokho okubaliwe kuneqhaza okulibambayo emnothweni wensimu.

Ukukhetha indlela yokutshala (iphethini esasikwele okukhulunywe ngayolapha) iya ngendlela yokuphatha elandelwe.

• Isivuno sokuqala sandiswa ngokutshala izihlahla zisondelanekulayini.

• Imigqa yezihlahla eziyi-hedge zikulungele ukufakelwa uhlelo olumilelokunisela.

• Uma izinto zokusebenza zisetshenziswa ensimini, uhlobo oluyi-hedge yilona olulungile ngoba ukungena ensimini kuba lulakunohlobo olusasikwele. Nokuhamba kulandela uhlelo olulodwaensimini enjalo- okuyiphuzu elibalulekile emasimini enziweezindaweni ezehlelayo.

• Uhlobo oluyi-hedge lwemigqa yezihlahla lunciphisa ukulahlekakwamagatsha kanye nezihlahla emgqeni.

Ukubhekelela umnotho kanye nokufinyelela kwezinto zokusebenza yikonaokukhomba ukuthi singakanani isikhala izihlahla okumele zehlukane ngasoemgqeni. Ibanga lokugcina elingaphansi kwamamitha ayi-10 lenza kubelula ukunciphisa izihlahla ngaphambi kokuthi insimu ibe neminyakaeyishumi. Ukutshala kuthothane kungenziwa okwesikhashana kubengaphansi kukahhafu wesikhala okufanele sishiywe, ngokuqonda ukuthilezo zihlahla ezitshalwe okwesikhashana zizobuye zisuswe.

Ukushiyana kwezithombo nendlela yokutshala

Ukwehlukanisa emigqeni

11

Ukutshala nokunakekela kokuqala

• Izihlahla zikakotapheya ezithengiwe kumele zibe seziqinile.

• Tshala ngokushesha, uma zigcinwa isikhashana zingatshaliwezingagcina sezilimele.

• Ungazibeki izihlahla elangeni ngoba izitsha zingashisa kakhulu beseizimpande zisha ngaphambi kokuthi kutshalwe.

• Sekela izihlahla ezincane ngokushesha. Qiniseka ukuthi iziquzihlanzwe zaba mhlophe.

• Susa amapheshana afike nezihlahla ukuze zingaphazamiseki.

• Uma inhlabathi ilungiswe kahle, imigodi emikhulu ayinasidingo.

• Uma ingekho indlela yokulungisa inhlabathi kahle, kumele kwenziweumgodi wokutshala ongu 1 x 1 x 1 m.

• Insimu elungiswe kahle ayidingi umanyolo omningi emigodini.Ukwengeza ngomquba kungazishisa izimpande.

• Izihlahla kumele zitshalwe endaweni ethe ukuphakama ukuzeamanzi angaqoqani endishini.

• Izihlahla ezincane kumele ziniselwe ukuqinisekisa ukuma okufanayo.

• Amanzi amaningi ayingozi ngendlela efanayo namanzi amancane.

• Hlolisisa umswakama osenhlabathini engaphezulu ukuvimbelaukunisela mawala.

• Ukotaphela uyazwela esithwathweni. Ensimini izihlahla zisukesezijwayele ekufakelweni amanzi akahle kepha zibe nezimpande

ezincane ngoba zisuke zisesikhwameni esincane. Kubalulekileukuthi amanzi ahambe aze afike phansi kakhulu.

• Ubheseni omncane ozungeze isihlahla uyoqinisekisa ukuthi isihlahlasithola amanzi anele.

• Nisela kancane: 50 ngesihlahla/ngesonto kanye no 100 umainhlabathi engaphezulu seyoma, usungaqala ukunisela ngama-50 /ngesonto/ngesihlahla.

Umgodi wokutshala

Ukunisela

l ll

12

Ukucubungula amahlamvu

Umthunzi

Ukuvikelwa ezilwaneni

Ukwemboza izitshalo

• Uma ukuqina kwesihlahla kungenzekanga (enesari) kumelezenzelwe umthunzi wesikhashana.

• Khumbula: hlanza iziqu zibe mhlophe.

• Yenza uhlaka wemboze ngotshani noma inethi eyenza umthunziesihlahleni uvikele amaqabunga. Susa uhlaka lolo uma amaqabungaesevela otshanini ngoba lokho kusho ukuthi zisuke seziqinengokwanele zingasadingi okunye ukuvikelwa.

• Izimo ezenziwayo ukuvikela izihlahla ezilwaneni nazo zinikezaumthunzi.

• Izihlahla ziyalinyazwa yizilwane zasendle ebusuku. Okungavikelaizilwane ukuba zingangeni kungenziwa ngokwemboza amapalingocingo lwezinkukhu nokwenza okusatende ukuvikela izihlahla.

• Ukulawulwa komuhlwa kungadingeka ngesikhathi sesomiso.

• Ngeminyaka yokuqala izitshalo zokwemboza zingavikela inhlabathikuze kuba izihlahla ziyaqala zinikeza umthunzi.

• Isitshalo sokwemboza akumele siqophisane nezihlahla kanti futhikumele sitshalwe esiqeshini esiphakathi nemigqa.

• Indawo econsayo yesihlahla akumele ibe notshani noma ukhula umakungenzeka leyo ndawo ingambozwa ngemvundiso yasekhaya.

Ukucubungula amahlamvu kukhombisa ubungako bomsoco osensimini.Izihlahla zingafakwa umanyolo ngendlela. Ukucubungula inhlabathi,ngaphezu kokucubungula amaqabunga kukhuphula ukwethembekakwezincomo ezenziwe.

Kumele kulandelwe lolu hlelo lokukhetha amaqabunga ngokuphelele:

• Amasampula kakotapheya amadala ngeminyaka eyi-6 kuya kweyi-8,kumele athathwe ngenyanga kaFebhruwari kuya ku-Ephreli. Umaengathathwanga ngalesi sikhathi izincomo zokufakwa kukamanyolongeke zihambisane.

• Kumele kuthathwe iqabunga okuyilona (bheka isithombe)

13

Sampula iqabunga elifanele

• Uma iqabunga lasengadini ethile lilethwa okokuqala, kumelelihambisane nesampula lenhlabathi. Emva kwalokho kuyancomekaukuthi kulethwe amasampula enhlabathi minyaka yonke.

• Uma kulungiswa ukufakwa kukamanyolo, imiphumelayokucutshungulwa kwenhlabathi kanye neqabunga kumelekubhekelelwe.

• Kumele kube amaqabunga asezihlahleni eziphilayo okumeleathathwe. Akumele abe nezimpawu zokushiswa yilanga, ukungabinampilo, ukulinyazwa yizilwane noma izifo.

• Isampula leqabunga nelenhlabathi akumele limele insimu engaphezukwamahektha ama-3. Uma ngabe kubonakala ukungefanikwenhlabathi kuleyo nsimu, kumele kuthathwe amaqabunganenhlabathi okungefani.

14

Ukufaka umanyolo

Inani likamanyolo ngesihlahla ngonyaka ngokweminyaka(umhlahlandlela)

Ubudala Iminyaka

LAN28 % N (nomaokulinganayo)

g

I-Superphosphate(11,3 % P)

g

I-Potassiumchloride(50 % K)

g

• Indlela yokusampula ibalulekile:

- Khetha okungenani izihlahla ezinempilo ezingama-20 kuyo yonkeinsimu.

- Izihlahla ezinhle kakhulu nezingezinhle nhlobo akumele zikhethwe.- Izihlahla kumele zibhalwe ngokugqamile, isb. Ngopende ukuze

inhlabathi neqabunga kuyothathwa esihlahleni esisodwa minyakayonke.

• Ukuthola uhlelo oluqondile lokufakwa kukamanyolo kuleyo nsimu,amasampula amaqabunga kumele ebe ecutshunguliwe esikhathiniesiyiminyaka emi-5.

• Akujwayelekile ukuthi njalo kulungiswe okungalungile, okuningi,noma ukungalingani ngesikhathi sonyaka esisodwa ngoba kwenzekangohlelo oluthile.

• Musa ukufaka umanyolo ezihlahleni ezisanda kutshalwa kabushamaduzane, okungenani akube emva konyaka. Izihlahla kumeleziqale zisimame kuqala futhi zithi ukukhula kancane.

• Musa ukufaka umanyolo eziqwini zezihlahla ezincane. Kumeleufazwe kuyo yonke indawo 0,2 m ukusuka esiqwini kuya ku 0,5 mngaphandle kwendawo econsayo yesihlahla.

• Lokho nalokho kufakwa kukamanyolo kumele kulandelwe ukuniselaokuncane okulawulwayo.

• Umanyolo akumele uphendulelwe enhlabathini.

1 150 200 1502 300 400 3003 450 600 450 4 - 5 600 900 6006 - 7 800 1 200 800

8 - 9 1 000 1 500 1 000 10 - 12 1 200 1 800 1 200Okokugcina 1 500 1 800 1 500

15

I-Nitrogen ne-potassium

I-Zinc

I-Boron

Ukunisela

Isikhathi sokufaka

Uma umanyolo ufakwa ngonyaka wokuqala, i-nitrogen (N) ne-potassium(K) kumele kwehlukaniswe okungenani kane bese kufakwa ngezinyangaezifudumele. Emva kwalokho sekungafakwa kanje:

• N ne K: 3 kufakwe okulinganayo ngoJulayi, Disemba kanye no-Ephreli.

• P: Disemba

Inhlabathi eningi ine-zinc encane noma ayikho nhlobo. Lezi zilinganisokumele zifakwe minyaka yonke:

• I-Zinc oxide engama-200 g/100 wamanzi noma

• NZN eyi-150 ml / 100 wamanzi.

Izihlahla eziningi zikakotapheya zine-boron encane ngakho-ke izihlahlakumele zichelwe ngonyaka nge-borax eyi-100g noma 75 g Solubor/ 100wamanzi.

Izihlahla zikakotapheya azizwani namanzi amaningi kanti futhi azizwaninesomiso.

Inhloso yokunisela ukugcina umswakama wenhlabathi uphakathi nendawokulezi zimo ezimbili ngaphandle kwangoJuni kanye noJulayi lapho isikhathiesomile sidingeka ukulekelela ukuqhakaza.

Inhloso yokulima ukotapheya ukuthola isivuno esikahle nokwehlisaukukhula kwezimila ensimini.

• Ngokufaka amanzi anguhhafu wesibalo isihlahla ngasinye emvakokungabibikho komswakama (ngoJuni nangoJulayi), isihlahlaesisha siyakhubazeka, kuncipha nezithelo

• Emva kokuthela, ukunisela okugcwele kuyadingeka ukulungiselelaukukhula kwesithelo.

• Awukho umanyolo okumele ufakwe ngesikhathi sokuqhakaza kanyenokuthela kokuqala ngoba lokho kuyokona ensimini.

l

l

l

16

Ukulawula ukhula

Isandla noma ukunquma ngomshini

Ukutubuza

Ukutshala nokudabula

Izitshalo zokwemboza kanye nemvundiso

Uhlobo lokunisela

Okwemishini

Imithi

Okulula,okwenzeka kaningi ukunisela kudingekile. Ukunisela okunamandlaakulungile. Ukunisela ngezisefo ikakhulukazi i-dragline yikona okufanelekekakhulu ikakhulukazi uma imali incane. Okuyilona hlobo olungungqolokunisela ukotapheya olwenzeka nsuku zonke okuthiwa yi-microjet.

Ukulawula ukhula kungenziwa ngemishini noma ngemithi.

Zintathu izindlela zokulawula ukhula ngemishini:

Kumele kube khona unakekelo uma kubhushwa ngesandla ukuzekungalinyazwa isiqu sesihlahla. Esikhathini ukubhusha kungenza kubekhona ukuhlangana nokwehlukana okumele kubhekelelwe ukuthuthukisaukukhula kwezimpande.

Le ndlela akumele isetshenziswe ngenxa yokuthi izimpande ziyalimala kantinenhlabathi isuke igqishekile ngaphansi.

Zombili lezi zindlela zithambisa inhlabathi, ikakhulukazi inhlabathi eqinile.Kepha-ke lezi zindlela akumele zisetshenziswe esikhathini esingaphansikweminyaka emibili, ukuvikela izimpande. Ukulima kwenza ingxenyeyenhlabathi egqishekile ingahlangani ngaphansi kanti ukudabulakungaqhephula inhlabathi egqishekile uma kwenziwa ngesikhathi inhlabathiiqinile futhi yomile.

Imithi elawula ukhula ensimini kumele isetshenziswe. Ngakho-ke izinhlobozokukhula nobuningi bazo ensimini kumele kwaziwe ngaphambi kokubakukhethwe umuthi.

Izitshalo zokwemboza zingezesikhashana, zitshalelwa ukuthuthukisa izingalenhlabathi ngokuvikela inhlabathi noma zifakwe njengomanyolo oluhlaza.

17

Izinambuzane

• Isitshalo sasehlobo sehlisa izinga lokushisa enhlabathini,ngokulekelela izimpande zikakotapheya ukuba zikhule. Sikhiqizaimvundiso yasebusika bese silawula ukhula.

• Isitshalo sokwemboza sivikela ukuguguleka kwenhlabathinokulahleka komsoco wenhlabathi.

• Isitshalo sokwemboza esinezinhlamvu sithuthukisa i-nitrogenesenhlabathini.

• Izitshalo zokwemboza ezibolile zikhulisa umswakama enhlabathini.• Isikhathi sokutshala isitshalo sokwemboza kuya ngezidingo

zesihlahla kanye nezinga lomswakama. Esikhathini sonyaka laphoizimvula ziningi, lesi sitshalo kumele sisheshe sitshalwe, kepha umakunesomiso izihlahla zidinga wonke umswakama okhonaenhlabathini, ngakho-ke kumele sitshalwe kamuva.

• Emasimini amancane kungenzeka ukuba kutshalwe imibhedephakathi nemigqa, kepha uma izihlahla sezikhula ukutshalangesandla kuba yiyona ndlela elungile.

Izitshalo zokwemboza zehlukaniswa ngalezo ezinezinhlamvu kanye nalezoezingenazinhlamvu. Lezi ezinezinhlamvu zibandakanya izinhloboezahlukene zobhontshisi. I-while rye, i-oats, i-barley kanye ne-buckwheatyizibonelo zezitshalo ezingenazinhlamvu.

Lezi zitshalo zingabhekelelwa:

• Zilungisa inhlabathi ngaphambi kokuthi kube yinsimu: ubhontshisioyi-velvet, ubhontshisi wesoya, i-sunnhemp, ubhontshisi oyi-ration, i-lupins, i-medics, no-cowpeas.

• Ezitshalwa emva kokuthi insimu isikhona: ubhontshisi we-velvet,ubhontshisi wesoya, ubhontshisi we-ration, u-cowpeas, i-lupins, i-medics, ukolo, i-rye, u-barley, i-teff, i-vetches, i-desmodiums,amakinati asenhlabathini, ukolo we-buck.

Abalimi bakakotapheya kumele bazazi izilwane eziba sensimininjengezinambuzane. Iningi lalezi libulawa yizitha zazo. Ukufakwa kwemithikukotapheya kungenza izinambuzane ezincane zigcine sezilimazaumnotho.

Lolu hlobo lusandakuthola ukubaluleka kwezomnotho kukotapheya. Umaisithelo sikhiwa singakavuthwa, isihlava asibe sisakhula, kepha-ke umaisithelo siba sesihlahleni isikhathi eside njengasengadini yasekhaya,izimpukane zezithelo zingekhule njalo nje.

Izinhlobo zezitshalo zokwemboza

Izimpukane zezithelo

18

Ukulawula

Ukubulala izitshalo ezingadingekile

Ukucupha

Izimpawu

Ukhwekhwe olumise okwenhliziyo

• Izimpukane zezithelo zaseNatali zihlaselaizithelo ezincane nezindala.

• Zizalela amaqanda ngaphansikonqenqema lwesikhumba

• Uma isithelo sesingangegalofu kubakhona ukusikeka okuzungezweimpuqumpuqu emhlophe. Uma sekukhulaisithelo lokho kusikeka kuyoma besekwenza izimo ezisazinkanyezi esikhumbeni.

• Uma kususwa ngommese ileya engaphezulu kuzungezwa indawoesikekile, kungabonakala ingaphakathi lilimele bese kuthi umasekuyopopolwa ngesibuko esikhulisayo esiyi-10, amaqandaubungako bawo buthi abube-0,5 kuya ku-1 mm angatholakalaehlangene ndawonye.

Izitha ezimbalwa zezimpukane zezithelo ngeke ziyixazulule inkingangokuphelele. Zimbili izindlela zokulawula, okuyilezi:

Izimpukane zezithelo zaseNatali zihlupha ezinye izitshalo ezinjenge-bugweed noma i-bugtree, amajikijolo kanye namagwava asentabenieziba yihlashana zizungeze ukotapheya. Lezi zitshalo kumelezisuswe endaweni engamamitha angama-20 noma ngaphezuluukusondela ngasensimini. Kumele zinqanyulwe ngama-200 mmphezu kwenhlabathi. Umuthi ofanele kumele ufakwe uma izitshalosezikhule kabusha zaba yi-0,5 m.

Ukusebenzisa isicupho esinoshevu ukuheha izimpukane kumelesisetshenziswe uma umonakalo ungaphezu kwe-5 %.Amakhemikhali asetshenziswa lapha ayalimaza ezilwaneniezinciphisa lezo ezilimaza izitshalo.

• Lolu hlobo lwesilokazane lukhula luze lube yi-3 mm kanti lunombalaonsundu ngokubomvu. Isiphetho esimhlophe esisavolo siyabonakalakwingemuva lesesifazane esidala.

• Olwesifazane luzalela amaqanda agcinwa ngaphansi komzimbakulokho okusavolo okumhlophe okukhiqizwayo. Angaphezu kwama-200 amaqanda abaliwe ngaphansi kolwesifazane uma ebalwa kanye.

19

Izifo

• Ukhwekhwe oluncane olubizwa ngokuthi olunwabuzelayo, lugcinaseluhlezi unomphela endaweni eyodwa. Ngaleyo ndlelaamaqabunga amasha agcina ehlushwa. Zimbili izizukulwanengonyaka owodwa. Isizukulwane sasehlobo sihlala izinyanga eziyi-5bese kuthi esasebusika sona sihlala izinyanga eziyi-7. Loluolunwabuzelayo luba khona ngoNovemba kanye no-Ephreli.

• Ukhwekhwe luba khona kwingemuva lamaqabunga kakotapheyalapho lumunca khona inkovu emaqabungeni.

• Isithelo asithinteki, kepha ukhwekhwe lukhiqiza oluningi ujulwamazolo ehlela emaqabungeni, emagatsheni kanyenasesithelweni lapho kukhula khona isikhutha, esenza kube nombalaomnyama esitshalweni kanye nasesithelweni okuphazamisa i-photosynthesis.

• Uthuli oluqhamuka emigwaqeni ewubhuqu eduze nezihlahlazikakotapheya luhlala ezihlahleni, bese lwenza isimo esingesihleezitheni zemvelo zokhwekhwe. Ngaleyo ndlela kuba nokhwekhweoluningi kulezo zindawo.

• Okuningi kwenzeka ohlotsheni lwe-Hass.

• Iminyovu, omanqulwana, isihlava sezinkimbinkimbi kanyenezinhlobo zezimpukane (i-Cecidomyidae) zibambe elikhulu iqhazaekulawulweni kokhwekhwe.

• Ngenxa yokuthi ziningi kakhulu izitha zokhwekhwe, imithi igcinaingasadingeki.

Ukubola kwezimpande okubangwa kwenzekaemhlabeni wonke. Lapha kungesinye sezifo zikakotapheya esitholakalakuzo zonke izindawo, ngisho nasezingadini emakhaya. Ukuhlasela kwakhoakufani kepha kuba nokukhulu ukulahlekelwa uma kungalawulwangendlela efanele.

• Uma sesihlaselwe isihlahla sivele siphundleke.• Amaqabunga aba mancane, aphaphatheke, abe phuzi, abune bese

eyawohloka.• Ukukhula kwesihlahla kuyakhinyabezeka bese isithelo siba sincane,

sibe nezimpawu zokushiswa yilanga, ngokungatholi umthunzi.• Izimpande ezithintekile ziba mnyama bese ziyafehlezeka ngesikhathi

zifa.• Uma isifo sihlasele kakhulu zonke izimpande ziyalimala bese

nesihlahla sonke sifa ngenxa yenkinga yamanzi.

Ukubola kwezimpande I- Phytophthora

Izimpawu

yi-phytophthora cinnamon

20

Ukulawula

Izimpawu

Ukulawula

I-Pathogen

Isifo esidla isiqu

I-Anthracnose

Izimpawu

Ukusabalala kwe-pathogen kudinga amanzi ahambayo. Kubalulekileukugwema ukutshala ukotapheya endaweni enokuba namanzi amayo.Isikhutha sihlala ezindaweni eziningi, okubandakanya upopo,amagilanadila, amamakhadamiya kanye nezinye izinhlobo. Umakungenzeka ukutshala ukotapheya endaweni eke yatshala izithomboezinezilokazane ezizidlayo kumele kugwenywe.

• Ukotapheya akumele utshalwe endaweni lapho ukuma kwamanzikuyinkinga.

• Izinto zokutshala kumele zingabi nazifo.• Ukunisela akumele kushiye amanzi emile nje phezulu, ikakhulukazi

eziqwini. Ama-sprinklers kanye nama-microjets ayanconywakunendlela yokunisela eyi-flood. Gwema ukunisela kakhulu.

Olunye uhlobo lwe- , kodwa olubangwa yi-P. , P. kanye ne P. .

• Igxolo elingabi nambala uma kuya ngasezansi, ukungabi nambalaokunsundu kwenabela nasokhunini.

• Isihlahla esihlaselwe siyabuna kancane kepha sigcina sesifile.

• Ungalimazi iziqu eziseduze nenhlabathi, bese ugwema ukuba manzinjalo kwesiqu.

• Uma kukhona ukulimala, susa lokho okungalungile bese uvalangokusasitaputapu.

Lena yinkinga yangaphambili kanye nangemuva kokuvuna engenza kubekhona ukulahlekelwa okukhulu. Itholakala cishe emhlabeni wonke.

• Okuyilona phawu olugqamayo, ukuba namabala kwesithelo.

• Ukulimala kuba nsundu ngombala, kunganda kuhlangane bese

kugcina sekugcwele isithelo sonke. Lezo zithelo ziwa zingakavuthwa.• Inkafunkafu engaphansi kokulimala iyathamba futhi ingabi nambala

bese yenza isithelo singadleki.

Phytophthora citricolacactorum cinnamomi

21

Ukulawula

Ukuphatha ukotapheya

• Uma ngabe kungamaqabunga athintekile, okusabhande okunsundukusabalala ngaphakathi emgqeni, uma sekukubi kakhulu kuyaengonweni yeqabunga, kuye egatsheni.

• Amagatsha aveza ukulimala okunsundu noma okunsomi bese eyafa.• Izimbali ezilimele ziba bomvu noma nsundu bese kamuva ziwa.

Ukucwilisa okubhalisiwe kwangasemuva kokuvuna kuba khona ukulawulaI-anthracnose. Kumele kwenziwe endlini lapho kupakishwe khona.Ukulawulwa kwamabala e- kumele kulawule kahle i- .

Lesi isifo esenza amabala esithelweni, okudalwa isikhutha se-Pseudocercospora purpurea.

• Ukulimala kwesithelo okunsundu, 3 kuya ku 5 mm kepha okungamilengendlela, kwenzeka ekuqaleni. Ukulimala kuyoma kuklayeke besekwenza kube lula ukungena kwezinye izifo.

• Amabala aba mancane (1 mm) aba nsundu futhi abe yisimo esithile.Ahlala esabalele noma ahlangane.

• Amakhemikhali ahlukahlukene abhalisiwe ukulapha lesi sifo. Lezizinhlelo zingasiza ekulawuleni ukukhunta.

• Ngaphambi kokusebenzisa ikhemikhali buka ilebula.

• Xhumana nokungeyokugcina i-Guide for the Control of PlantDiseases for information on chemical disease and pest control.Itholakala e-Resource Centre, Private Bag X144, Pretoria 0001

• Uma isithelo sisesesihlahleni sihlala siqinile.

• Siyathamba futhi sidleke uma sesikhiwe.

• Isithelo esesikhulile sivuthwa kahle. Indawo edliwayo iba yinhle, ibe

nokusabhotelana bese kuthi ikhasi lingabi naphawu lokubuna.• Isithelo esingakavuthwa, leso esikhiwe ngaphambi kwesikhathi,

ngeke sivuthwe kahle futhi isikhumba siyabuna.

Cercosporaanthracnose

Ibala le-Cercospora

Izimpawu

Ukulawula

Ukuwukha

22

Ukukha osekulungile

Okumele kuqikelelwe

Ukulunga kwesithelo kuhambisana nomswakama. Isithelo silungelaukukhiwa uma izinga lomswakama walo ungama-80% nangaphansi.

Nakhu okumele kulandelwe ukubheka ukulunga kwaso:

• Yikha isampula lesithelo esesivuthiwe kulolo hlobo olukhethiwe.• Gcina izithelo endaweni enezinga lokushisa elilingana nelasendlini

zize zivuthwe. Ukotapheya usuke usuvuthiwe uma usutobozela umauthintwa.

• Uma la masampula esevuthwe esikhathini esiyi-8 kuya kwesiyi-10sezinsuku futhi ungasabuni, isithelo sisuke sesilungile. Ukuvunaokukhethekile kohlobo olufanayo lwesithelo sekungaqala.

• Uma isithelo sithatha isikhathi esiyizinsuku eziyi-10 kuya kweziyi-12ukuvuthwa, ukuhlolelwa ukuvuthwa sekungaphindwa emvakwesonto.

• Ukujwayela ukuvuna yikona okusizayo ekuboneni okuvunwayo.Akuzona zonke izithelo esihlahleni esisodwa ezilungela ukuvunwangesikhathi esisodwa.

• Uma kukhona ukungabaza kungcono ukulinda kunokuvunakungakabi yiso isikhathi esifanele.

Hlala njalo uphathe kahle isithelo ngesikhathi sokuvuna kanye nokupakishangoba ukotapheya uyashayeka futhi uklwebheke kalula.

• Abasebenzi kumele bagqoke amagilavu kakotini uma bevunaukuqinisekisa ukuthi izinzipho zabo aziklwebhi izithelo

• Izithelo kumele zisikwe, zingadonswa ezihlahleni.• Ingxenye yesiqu, esiyi-10 kuya ku 15 mm kumele sishiywe

sinamathele esithelweni.• Izithelo ezinempilo kumele zithwalwe ngezikhwama zokuvuna.

Ingaphakathi lezikhwama kumele lihlanzeke. Akumele esikhwameningasinye kube nokotapheya abangaphezu kwabayi-10 kuyakwabayi-15.

• Izithelo eziphezulu esihlahleni kumele zikhiwe ngelata elide, besekuthi ezikude kakhulu zikhiwe ngento yokukha. Ukusebenzisa intoefanele kungavikela ukulimala kwezithelo okungenasidingo,kunciphise umsebenzi kanti futhi kungenza nokuphephakubasebenzi.

• Izithelo kumele zithathwe ngazinye ezikhwameni, zithathwengesandla bese zifakwa emathileyini.

Ukuvuna

Ukuziphatha

23

• Yiba nonakekelo olukhulu uma sekuthuthwa izithelo zisiwa laphozizopakishwa khona.

• Amathileyi anezithelo futhi alinde ukuthuthwa kumele abekwe phansikomthunzi wezihlahla. Uma ungekho umthunzi owanele, izithelokumele zembozwe ngamathileyi angenalutho, ambozwe abhekiswephansi.

• Ungagcobi okusatiyela emathileyini ngoba kuzovimba umoya besekuphakama izinga lokushisa ngaphansi.

• Izithelo esezivuniwe kumele zisuswe ngokushesha ensimini.• Kubalulekile ukupakisha nokubheka izithelo eziya emakethe, noma

ukuzibeka endaweni epholile ngelanga ezivunwe ngalo.

• Kubalulekile ukuqikelela ukuthi izithelo azishayeki.• Abantu abaphatha izithelo kumele bagqoke amagilavu.• Amatafula okuzobekwa kuwo izithelo kumele ahlanzeke futhi

acoyisakale.• Isiqu nesiqu sesithelo kumele sisikwe kubhekwe emuva ngommese

obukhali ubude obuyi-6 kuya ku-12 mm.• Hlukanisa izithelo ezizothunyelwa ngokubukeka kwazo. Isithelo

silungela ukuthunyelwa uma singenazibazi futhi siyisimo esikahleesejwayelekile. Isithelo esizothunyelw sibekwa etafuleni elehlukile.

• Isithelo sesingelashwa ngomuthi ofakwa emva kokuvuna, emvakokugcotshwa sesingapakishwa ebhokisini elifanele.

Ukuze zingasheshi zivuthwe izithelo, kumele zibekwe endawenienamazinga okushisa aphansi ngokushesha. Uma amazinga okushisaephansi nokuvuthwa kwesithelo ngeke kusheshe. Nakuba kunjalo, umaizithelo sezigcinwe endaweni ebanda kakhulu, lokho kubanda kuyazilimazaizithelo. Izinga lokushisa elamukeleke kahle eliyi-5,5°C. Ukotapheyaosheshe ulunge ungagcinwa endaweni ethe ukufudumala kancane besekuthi ophuzayo ukulunga wona ungagcinwa endaweni ethe ukupholakancane.

Ngeminye imininingwane ungaxhumana no:

ARC Institute for Tropical and Subtropical Crops

Private Bag X11208, Nelspruit 1200

Tel (013) 753 7000

Fax (013) 752 3854

Ukuzihlukanisa ngamazinga nokuzipakisha

Ukugcinwa endaweni ebandayo