i s i d i n d i - dr. ben khumalo-seegelken€¦ · lo mlando ngiwubhalela abantwabami...

54
i s i d i n d i s o m t s h i k i

Upload: others

Post on 19-Oct-2020

0 views

Category:

Documents


0 download

TRANSCRIPT

Page 1: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

i s i d i n d i s o m t s h i k i

Page 2: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

i s i d i n d i s o m t s h i k i

I

umlando wozalo ulotshwé

nguNdindi Catherine kaMagqugqumela kaMlazana uMaZungu wakwaBamb’elentulo

eBaQulusini phambi kwaseZungeni

kwelaseMakhwabi ogané kwaKhumalo

© KwaMachanca 1999

Page 3: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukulu ukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana nobuntu – bafuze okhokho babo. Ingxenye yokuqala exoxa ngezikhathi zobungane bami ngiyidedela nonyaka ukuthi niyifunde; izingxenye ezilandelayo sengizibukezile ukuze nazo zischicilelwe, ngisazozigodla-ke nokho okwesikhashana. Ngizoninikeza. Uhlu lokuqukethwe ngilwethwesé isihloko esithi “engikukhumbulayo nengibakhumbulayo” ngenxa yokuthi nginixoxela ngengikukhumbulayo nengibakhumbulayo – okwedlula kulokho sekuyokwengezwa yini. Amabutho okhokho benu ngokwelamana kwawo azonisiza ekullinganiseni iminyaka nezikhathi ababephila kuzo, okuxoxwa ngazo kulo mlando. Amabalazwe nezithombe kukhombisa lezi zinkalo nemimango enginixoxela ngayo; mhlawumbe nani niyoké nisukume phansi ngelinye ilanga, nihambahambe, nizidelise ngawenu amehlo. Amagama nezibongo abhalwé ngendlela entsha yokubhalwa kwesiZulu – kubhalwa njengoba kukhulunywa: “uSthole”, “uBthelezi”; amabizo-mfakela abhalwé ngesiZulu: “ibhethri”, “istofu”. Imibono nemibuzo eningaba nayo kulokho ngicela niyiqondise kuBheni okunguyena engimnxusé ukuthi abhale phansi konke enginixoxela khona. Niphile-ke, bantwabami! NguMama (nguGogo/nguKhokho/nguAnti) wenu. C. K h u m a l o eFilidi, 19.04.1999

Page 4: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

engikukhumbulayo nengibakhumbulayo

kwethu . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 1

kwaBambelentulo . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 2

uMagqugqumela - “ibhastela” . . . . . . . . . . . . . . . . 5

abaseMhlungwini . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 6

“obasi nononatshi” . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 6

uNdindi . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 7

laf’ elihle kakhulu! . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 7

lahamb’ izwe! . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 8

ukhamb’ ol’magqew’ gqewana . . . . . . . . . . . . . . . . . . 9

amajalidi namaplazi . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 10

uqhekeko . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 11

udledle: 1927 – 1947 . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 13

kwaXhaf’ngana . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 13

„... ùthengisa ngegazi?!“ . . . . . . . . . . . . . . . . . . 16

“bhlatiful, Xhaf’ngana maan!” . . . . . . . . . . . . . . . . 17

kwaMadevu, „ekha’ komama“: 1934/35 . . . . . . . . . . . . . 19

kwaVivyan, ebqgqilini: 1937 – 1941 . . . . . . . . . . . . . 20

„kwehluké ibala lesikhumba-nje kuphela!“ . . . . . . . . . . 21

kwaVul’mbobo, enkomponi . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 22

eMahlabathin kwaKhumalo . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 23

kwaBhanya: 1941 – 1963 . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 25

kwaFosi . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 27

kwethu nakwami: 1943 – 1963 . . . . . . . . . . . . . . . . . 28

omakhelwana . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 30

wagula kwaze kwamenela uKaSyaya . . . . . . . . . . . . . . 34

kwaVul’ingqondo . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 37

kwami: „313 Besterspruit“ . . . . . . . . . . . . . . . . . 38

zoniwa ngomlomo, zilungiswe ngomlomo . . . . . . . . . . . 39

isithasiselo

amagama engiwakhumbulayo [kwaBhanya]

Page 5: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

amabutho kwabozalo lwakwethu

kwethu

Ngizalwa yintombi yaseMhlungwini, uHluphekile; yaseMahlabathini ngokuzalwa.

Angisalikhumbuli-ke nokho ibutho layo.

UBaba nguMagqugqumela kaMlazana wakwaZungu, eBaQulusini, buqama-nje

naseZungwini, enhla komfudlana aManzana. Ngebutho nguFelaphakathi.

Ngivela nje-ke mina umuzi wakithi wakhé lapho kwakukade kwakhé khona okhokho

kwàsemandulo. Ungcwatshwa-nje noGogo, sengibhekabheikle; ithuna lakhe likanye

namadala okhokho esikhulé siwabona-nje mihla-yonke phakathi komuzi, phansi

kwesihlahla.

Amanzi besiwakha emfudlaneni ezanzi komuzi, iNgulana. Muva-nje sewabizwa

ngokuthi ùBhaladoni (= “Balladone”).

Kwakweluswa okhalweni, iMpethuka, enhla komuzi. Amadlelo namasimu ayenaba

aphikelele kwaMatshekazi, abuye agudle aMakhwabi, abheke ngaseZungwini

naseNtshenteka. Yizinkalo engikhulé ngizibona zonke lezo.

*

Uma umuntu esithopha, uthi:

„Gwabini, Manzini, Sengwayo, Ncwane, Geda, Makhoba!

Ncwane

ngankomo yaseMahenyeni!

Nyama kayishi;

isha ngababhebhezeli!

Geda kaManzini!

Sengwayo!“

Page 6: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

UBaba-ke yena uzalwa nguMlazana wakwaZungu nentombi yakwaDlalisa, esakhula

siyibiza ngebutho – phela lona alihlonishwa -, siyigagule-nje sithi nguStimane;

uGogo wami-ke lowo.

UMlazana kaManzini, umkhulu wami, nguye phela okwathi izishomo zamaBhunu

ezazidé zihlasela, seziphindé zabuya ngekakhukhulela-ngoqo, wenqaba manje

ukuphinda athwalwe ayocashiswa njengokwakuhlala kwenziwa uma sekubalekwa,

wazidela amathambo – engasaboni emehlweni – wathi: “Hhayi! Kunini sizingelwa,

siklujwa, sibaleka, sicasha; soneni? Balekani nodwa; ngiyasala mina!” Afika

amaBhunu sekubalekiwe, amchwensa, amethuka, amhlukumeza, emhlohloloza,

amgunya, amkopolota amehlo, amnquma, amhlinza, amcuya; izitho zakhe

azithukusa ekudleni ezinqolobaneni nasezilulwini, ezinye aziphanyeka othangweni,

azichoma esibayeni, azigalakadisela emgodini wesangcobe, ezinye azigxambukisela

emanzini aphuzwayo emhoshaneni iNgulane (lona osekwathiwa namuhla

ùBhalatoni). Abasindayo, bathi bebuya ngakusasa ekucasheni, bafica umuzi

ufuziwe, wathungelwa, imfuyo ithunjiwe uma ingalinyazwanga yaginindwa

imilenze, yashiywe iqhashaqhasha, yopha noma idindilizé emahlangeni nasebaleni:

inhlekelele yonya ethuthumelisa umzimba nanamhla lokhu.

*

kwaBamb’elentulo

Umuzi wakithi kwakukwaBamb’elentulo; obaba beyizelamani: uMagqugqumela

ongizalayo nomnawakhe uSalatiyela. Ubabomncane uSalatiyela-ke yena

wayenguDakwa ngebutho. Esikhathini esiphambili kwakukade kubhincwa;

sekugqokwa muva-nje. Ngiqala ukubhekabheka-nje mina, sekwavama ukugqoka;

noBabomncane uSalatiyela sewaziwa ngokuthi ungumshumayeli waseWeseli;

eshumayela eNdumakude kwaMthethwa, lapho kwakuyaye kuhanjwe kuyosontwa

khona.

Page 7: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

KwaBamb’elentulo-ke kwakhelene naKwaMngani – umuzi wakithi kwaZungu nawo;

omkhulu babeyizelamani. Iyalandelana-nje: OwakwaBamb’elentulo ngenhla,

ngezansi-ke kuseMeveni lapho kukhona uBabomkhulu uVovo ozalwa ùgogo

uLugudlane (ngebutho) naye engowakwaDlalisa njengogogo ozala uBaba

uMagqugqumela. UVovo yinkosana kaBabamkhulu uMlazana.

Sasiwumuzi omkhulu kwaBambelentulo. Wayethathé isithembu uBaba; omama

bebahlanu, bezele:

°Ozala mina, uKaMhlungu waseMahlabathini, uHluphekile, wayeselamanisé

kanje:

1 Wazibula ngoBonakusile (“uElina”) owakhula, wagana uNdabazonke

wakwaNyandeni (uVukay’bambe ngebutho) eNcunje phambi

kwakwaMnyathi phesheya kweMfolozi lapho okwagcina khona

sekuthiwa kuseplazini leBhunu uNyamazane, unina woMdubile

noMyoyozi noMbhodisa noNtomb’eynengi noLani noMfuyeni.

2 Welamanisa ngoNtomb’zimhlekile (“uLina”) owakhula, wagana

uMsal’usengwa (“uCofela”) wakwaMthethwa (uMavalana

ngebutho) eNsukangihlale, khona lapho phesheya kwaManzana.

3 Welamanisa ngoBahlanganisile (“uElikha”), owakhula, wasebenza

kwaMfishane (emaNtaliyaneni), wedlulela kwaXhaf’ngana, waye

waphelela kwaTomasi (“Trevor Thomas”) eMakwatasi

eNyumayini eZungwini, wathutha nabo baya edolobheni

(eBethamoya/eFilidi) waye wafika nabo eMtshezi

nakwaBulawayo eLodeshiya (“Rhodesia”), kwaze kwathi nòma

asagana (kwaKhumalo, uEnose, naye owayesekhulile,

esashonelwa ngumkakhe; abagcina behlala eLokshini elidala

kwaBhekuzulu/eVlayhede emva kokususwa emanxiweni

ezansana-nje nakwaBhengu), wayelokhu azisana kakhulu nabo.

4 Walandelisa ngoMbhekiswana (“uElija”), owakhula, wangena iplazi

Page 8: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

kwaMfishane, wahlabelelisa emishadweni engumbhidi,

wasebenza eMolmani phesheya koPhongolo, eNtendeka

kwaMahlutshana naseNyumayini kwaKhehla estolo, waganwa

nguMaKhumalo, bagnina behlukene, waganwa nguMaDlamini-

Nyanya, uKhathrina, bathola intombazane uNtomb’zethu,

yashona, belamanisa ngomfana, uBheki; wasebenza eVlayhede

estolo kwaMpandlana, iJuda, waphuma lapho wasebenza

isikhathi eside ebhange, eStandard Bank, eshanela, enzele

abelungu itiye, alande iposi, athunywe, kwahamba kwahamba

wasebenza eskoleni sezingane zamaBhunu, iNieuwe Republiek

Skool khona lapho eVlayhede, wagcina esesebenza epas’hhovisi;

akhé ngestini kwaBhanya, naye wagcina esathuthiselwa

eMondlo ngokuchithwa nokubhidlizwa komuzi wakwaBhanya.

5 Welamanisa ngoMkhontweni (uWili”), owashona-nje eseyibhungu,

eshonela eBhrakpani lapho agcina esesebenza khona emva

kokungena iplazi kwaXhaf’ngana (lapho ontanga bametha khona

izibongo ezithi “nguMhlan’ ubeleth’ amazazawana!” ngenxa

yokuzondwa nokushaywa kwakhe njalo yiBhunu, lize litibilele

kuye emhlane ngezicathulo nòma esewé walala phansi), wasuka

lapho wasebenza kumlungu owayemthanda, emgqokisa kahle,

“uGeyi”, eMakwatasi eNyumayini.

6 Wagcina ngami.

°Umama uKaDlamini-Nyanya (“uKaMasuku”) waseMahlabathini-ke yena

wathola

- intombazane, uBaphethile (“uNikholina”),

- umfana, uBuzetsheni, owathi angakhula, waganwa

ùKaMfaba, okwathi ngokuchitheka komuzi wakithi, bashaqa

yonke imfuyo, bathutha, baya eNkonjeni

kwelaseMahlabathini, bengenangane. Wagcina esàsebenza

kwaMinki, estolo seJuda eVlayhede, maqondana

naseshantshi.

Page 9: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

- Umfana futhi, uMagiya, owakhula waganwa ùKaZwane.

°Umama uKaZulu (“uKaNtubana”)-ke yena wathola amantombazane

amabili elandelana

- oBadungile

- noNtomb’mpela.

° Umama uKaNkosi waseNgoje, eMaGameni, wazala

- intombazane, uMil’yemu, owayempofu ngebala, owathi

angakhula, wagana ikhalathi laseMaMbatheni eMahlabathini;

- umfana, uGin’yose;

- owesithathu ngiyamkhohlwa.

° Umama uKaNkosi (“uKaMphazima”)-ke yena wafika enezingane

ezimbili ayezitholé kwaSkhosana

- oSbhishiza

- noMtetemu.

KwaZungu wafike wathola intombazane,

- uTiki.

Sasilishumi nesithupha [16] sesisonke thina bantwana bakaMagqugqumela; mina-ke

nginguthumbu.

*

Bengishilo belu ukuthi lapha kwaBamb’elentulo eqinisweni simizi-mibili ngoba

noBabomncane uSalatiyela (“uDakwa”) wakhé khona lapha; uganwé ùKaBthelezi,

bazala oJelemiya noAbiya.

KwaMngani nakhona obaba bayelamana: nguMficwa (“uFalaza”) noNkaqala

(“uDakwa”) owagcina esethuthelé eSkhaleni-sengonyama. Ugogo wakwaMnagani

naye nguStimane.

Page 10: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Emadodaneni kamkhulu uMlazana inkosana ilapha eMeveni: nguVovo

(“uFelaphakathi”) ozala uSamyela uyise woThang’thini nòPhumzile nòMadomi

nòMakhusu; uVovo-ke yena welanywa nguKudlakwendlala (“uDakwa”).

*

uMagqugqumela - “ibhastela”

Wayesekhulile uBaba ngenkathi ngiqambe ngibheka; kanti-ke futhi ngangisemncane

eshona. Engisakukhumbulisisa kahle ngaye ùkuthi:

Wayengasabhinci, kodwa esembatha izimpahla zendwangu;

zaziseyivelakancane ngalezo zikhathi. Wayengesilo “ikholwa”.

Wayesebenza; eyiphoyisa. Waqala eNgoje, wagcina eseseDumbe

ngokusebenza. Ibhulukwe lakhe yimbilijisi; ligamanxa isitho likhawuke

ezansana-nje nejaqamba. Ubophé amaphathanisi; muva-nje sebanikwa

okokucathulela lapha ebuphoyiseni – izicathulo ezibomvu ezinensoli

enohlonze, okuthi uma enyathela kuzwakale ziklemuzela. UBaba yena

wayekade ehamba ngezinyawo esaphoyisa eNgoje, kepha eDumbe

wayesenezicathulo.

Kuthé sekufiké isikhathi sokuthi nami ngiklekle, wakhuza uBaba wathi lelo siko

aliseyukwenziwa kwethu, wathi: “Sengiyibhastela mina: ngengxenye ngiphethe

ubuntu, kwenye ngiphethe ubulungu.” Kwaqala ngami ukuthi kungabe kusakleklwa

kwethu.

Kokuningi nje-ke indlela okwakuqhutshwa ngayo kwaBamb’elentulo yayingaphoqé

muntu ukusina neningi uma kunenye indlela ayibona ingcono: Bebephuma bahambe

bayozisontela eNdumakude kwaMthethwa abasontayo; kuthi uma kubuswa,

kuhutshwe ezindala, kusinwe kube kuhle kube njeya! Kungekho ophoqiwe;

kungekho ozibandlululayo.

Njengoba sengishilo: Kwabakwethu yimi kuphela-ke engakhula ngingasakleklanga.

Page 11: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

*

abaseMhlungwini

Uzalo lwasekha’ komama angilwazisisi kahle hle:

UMama uzalwa ùKaSthole (“uKaMalindi” owayebizwa ngokuthi “nguKaMayindi” –

phela kuthefuywa kulingiselwa yena); umkhulu ozala uMama-ke yena kunguMlabo

wakwaMhlungu (ibutho lakhe kuyiNdlondlo-kaBashise).

Umalumami kwakunguAndeliyase wakwaMhlungu, owaduma ngokwelapha,

eyinyanga, ehamba elapha kulo lonke leli laseMakhwabi aze ayosithela

kwaNgenetsheni; wagcina eshonelé kwaMasondo eNkongolwane, uyise woMdingile

noMsheshi (“uSheshisile”), ayeganwé nguKhelestina, uKaNyandeni, udadewabo

kaMahhuku. Umalumekazi, uKhelestina, kwakuyinkosikazi ekholwayo, ekhuthele

ezindabeni zebandla; abaza’ bami bakhulé besonta – kuthi angithi eSheshi.

*

Ngivela nje-ke mina izinkalo zakithi sezaklaywa ngezingcingo, kwadatshulwa

amaplazi: yilelo nalelo plazi linomlungu osekuthiwa ngelakhe. Imizi yakithi nje-ke

yona namadlelo nezinkalo zakwaZungu kwase kwanikwa magama esilungu ngabanini

bamaplazi athi “Welgevonden”, “Uitzicht”, “Nooitgedacht”, “Traktaat” nelithi

“Bedrog” nelithi ”Voorkeurplaats” – ebhalwé emasangweni ngalinye ngalinye.

Bonke abakhé lapho babephoqeleké ukusebenzela umnini weplazi, abaningi babo

belokhu betshelwa kuphindelelwa kuthiwa abathuthe baye “ezabelweni”,

“kwelabantu”! Ongathuthi uphoqelelwa ukuthi akhokhe intela; ongenamali

ukhokha ngezikhwepha zakhe: Umlungu weplazi uyalinyelwa, uyahlwanyelelwa,

uyahlakulelwa, uyavunelwa; wakhelwa izindlu, izibaya, izitoloyisi, izinqolobane,

umbelwa amadiphu, weluselwa imfuyo, uyasengelwa, uyondlelwa, uyaphekelwa,

uyaphakelwa, uyaphishwa, utetenyiselwa abantwabakhe – yinkosi yaphakathi!

Induku idla lubi; abanumzane abebehlonishwa emphakathini eplazini bebephenduka

Page 12: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

iziyoyoyo-nje ezikhuleka zingaqedi, zivika ubala. Wayesezé wabizwa ngokuthi

nguShambokwe (= “sjambok”) lona owayephethé leli esasakhé kulo, eyiNtaliyane.

Ebaleni nasemasimini nasezibayeni kuphelele onke amabhungu nezinsizwa

nabanumzane bemizi esakhelene nayo, ngumshawushile liphuma lize liyoshona.

Kwabakwethu kwakunguBhuti uElija owayekhonzelé umuzi wakwaBambelentulo

imvume yokungachithwa eplazini. Ekhishini nasendlini nasengadini nasestroysini

kwakutatazela amantombazane, amatshitshi nezintombi nabakoti namakhosikazi

emizi yonke le yangakithi; kwabakwethu sasimelelwe nguSisi uElikha, odadewethu

abanye sebakhishwa, bayogana.

*

uNdindi

Sekuthi-ke ekuzalweni kwami, uSisi (uElikha) usethi angethiwe elithi nginguNdindi.

Ingani phela uzwa kwamlungu kuthuliswa isiyoyo esasiphethwe ekuveleni kwami,

unina esiculela ngesiNtaliyane, ethi (njengokusho kukaSisi): “Ndindi la kathiva la

vunula!”

Bebephubuka bafe yinsini abantu ekukhuleni kwami uma bezwa ngibizwa;

bengingalithandisisi nami leli gama. Isidlaliso engagcina ngisitholile, esithi

“Bazulike (= Bandindile)” ngangisizwa singconywana.

UMama-ke yena wayaye angidlalise angibongele athi: “Ngoje kaMgojeli!

UMgojelile!”

UBhuti uElija kwake kwathi sengikhula-khulile-nje, esengigezé wangiphala insila

nenkwali, wangembesa, wangifaka izicathulo ukuze angivakashise entombini yakhe

iyongibona, wayesengetha igama ayebona lingifanele, wahti: “Uma ikubuza igama

lakho, uthi `nginguZentha´!”

*

laf’ elihle kakhulu!

Page 13: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Umzimba wawugcwala uhlevana uma kuhleziwe, kubuswa, kuhaywa ezasemandulo,

kusinwa – kuze kuthi nesinedolo sinxuse, basisondeze ensikeni, sisukume ngayo,

sisikaze, sisina neningi, kuvunywa kuthiwa: “Ziphi? Naziya! Uyamqal’ okaNdaba!”,

kuhutshwa ingoma endala yezihlabani zaseSandlwana, zaseHlobani

nezakwaMthashana, ethi: “Kwakhal’ inganono, inganono kwaMthashana!

Kwakhal’ umgazini, umagazini kwaMthashana!”,

iqhubeke ithi: „Sangena ngomnyama, ngomnyama kwaMthashana!“, iphendulane,

kuthiwe: “Ziphi? Naziya! Uyamqal’ okaNdaba!”

Sinkeme-nje siyizinganze, kube sengathi sifikelwé yizihambi zakwelikude. Lusuke

nokho ugqozi khona lapho, sizibone sesisina nathi, silingisa abadala, sengathi

sakhula nabo kuleyo mimango nakulezo zinkalo abahuba ngazo. Kuthi uma

kuxoxwa, sihawuke ngobuhle obabubatshazwa, thina esesibuzwa ngendaba-nje.

*

lahamb’ izwe!

Umlungu weplazi uyilanda mathupha intela le uma niké naphazama, nephuza

ukuyiletha; nimuzwe esegandavula ngehhashi khona lapha ebaleni. Kokunye

ubefika ashaye izinkomo esibayeni – inani alithandayo – uma kusekhona ezisasele

kwenaninazo; kokunye njalo-ke afake umetshiso, aluthungele uphahla lwendlwana

yena, anikhombe indlela eya “ezabelweni” – “kwelabantu”, lapho ningazi khona

muntu eningafike ningenise, nikhosele kwakhe khona sekuthiwa-ke mhlawumbe

niyavuma ukuya khona.

Abanumzane kulo lonke elaseBaQulusini – kusuka kwaNgenetsheni kuyoshaya enhla

noPhongolo, kwedlulele eDumbe, kugudle uMzinyathi, kushaye kwelaseNquthu,

kuliqede lonke elaseBaQulusini – kwafanela ukuthi babeke phansi amabheshu,

bathenge amabhulukwe ukuze bathole imisetshenzana emakhishini nasezingadini

zabelungu noma bathathe ugilimede (= “labour agreement”), bajoyine

inkwenteleka (= “labour contract”) bayogqoma imigwaqo nemisaho yezipolo,

babhole imigodi, bangene emathunjini omhlaba, bayolandela abelungu igolide

Page 14: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

nedayimane namalahle, baqongelele lolo lubadlana abaholelwa lona,

baluphuthumise kwaNdabazabantu, bayothelela ikhanda, bayothelela iqhugwana

neqhugwana abaligxumeké esizeni abafihlé kuso ikhanda, abanye baphuthume,

baye eBhunwini leplazi, bayothela irenti ukuze iBhunu kelihoxe lingabachithi

libenze imihambima. Abafelokazi nezintandane babezibona ukuqeda!

KwaBamb’elentulo zaziphumé zasakazeka izinsizwa, zisebenza ezimobeni

nasemtateni eMdubane (= “eThekweini”), ezinye ziseKhimbili naseJozi (= “eGoli”),

eNgogo, eNyukhasela naseNyumayini; uBaba yena eseDumbe emva kokuba kade

eseNgoje. Bayayibiza imali abelungu! Uthelela ikhanda, uthelele elomkakho

ngamunye ngamunye, wethweswe icala, uhlwawuliswe. Iyafunwa imali le!

Athé esuka amaBhunu amaplazi ayeseyenqaba le ntela; ajika manje afuna wena

luqobo nomuzi wakho wonke, nizoqonula lapha emasimini, ezibayeni nasezindlini

zawo; ningene nidedelana ukuze kuhlale kusetshenzwa njalo ubusika nehlobo,

ubusuku nemini.

Kuthé kusenjalo kwamenyezelwa ukuthi nakithi kwelaseMakhwabi yilelo nalelo

qhugwana emzini wakhile alikhokhelwe intela kwaNdabazabantu (= “hut tax”)

eVlayhede – yishumi losheleni ngalinye ngalinye! Kwakuthengiswa imfuyo,

kuzanywa izaba; kuthengiselwa bani-ke phela bezihluphekela-nje bonke abantu

laba! Nalapho kwakufike kube yiwo futhi amaBhunu okwakuthengiselwa wona -

ayesezitapela-nje ezibayeni zobaba.

Okwakwehlula ukwenza yikuthi amabhungu nezinsizwa nabanumzane

babephoqelelwé ukukhokha umpondo nengogo ngonyaka bathelele ikhanda (=

“ukhanda-mpondo”). Ongafuni ukuthi abanjwe, aboshwe, wayethatha ijoyini,

ahambe, ayomba ilahle noma-ke aphikelele emajukujukwini eKhimbili naseJozi,

“kwaMfaz’ ongemama; kwaNyama-kay’pheli, kuphel’ amaziny’ endoda!”, lapho

abaningi babegcina bephelelé khona, kuthiwa “badliwa `zindunduma!”.

Kwagcina kukhala ibhungane emizini eyayikade yakhile, kuhleliwe, kubuswa; kwase

kuvamé ukusala amaxhegu nezalukazi nezinkubela nabasakhulayo abangakafuneki

kwamlungu eplazini. Abanye babegcina bezilahle amathambo, bayishiya phansi

Page 15: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

imizi yabo, bangena indlela, babheka khona lapho okuthiwa akusukwe kuyiwe

khona, “ezabelweni”, “kwelabantu”. OBhuti uMikha wakwaMngani (“uMzululeki”)

noNdodiya baze baphelela kwelaseNkandla; oBhuti uAlbethe waseMeveni bagcina

bakhé eNkonjeni kwelaseMahlabathini. Baningi abaphelela ezeni, akwaze kwaziwa

ukuthi bashonaphi; asala amanxiwa, kwaba ngamadlelo namsimu amaBhunu.

Zaphelela endleleni izibaya zobaba. Abanye “babebanenhlanhla”, kuqhamuke

iBhunu lizithenge zonke izinkonyana lezi, ziyohlatshwa, zibengwe, zomiswe,

lenzelwe umqweubu namavosi. Lolo lubadlana elibanika lona sekuyiwona-mphako

okuyophilwa ngawo endleleni kuze kuvele isu elisha lapho beyofikeka khona

“kwelabantu”, “ezabelweni”.

*

ukhamb’ ol’ magqew’ gqewana

Izinsuku zobungane sidlala ebaleni kwaBamb’elentulo ngihlala ngihlale

ngizikhumbule: Base bengamatshitshi namabhobhodleyana oNtomb’mpela

noMkhontweni engibelamayo, oSisi uBonak’sile nòMilyem sekuyizintombi

esezilotsholwa, thina sisazidlalela ebaleni nasemakhabeni, sigola izintethe

namadiye emenweni nasokhalweni enhla komuzi.

Bekuthi ntambama izinkomo sezibuya emadlelweni sibone izihlwele zamalanda

esibhakabhakeni, ephelekezela ilanga seliyoshona. Amankankane uma ekhala

kuthiwe ungawalingiseli, ùyomilwa yithumba endunu. Kuthiwa ungalokothi uxoxe

noma ulalele inganekwane lingakashoni ilanga, ùyomilwa yizimpondo ekhanda;

okungenani-ke thatha umsingizane noma úthi noma ubhaqa uluchome ekhanda,

noma uthi ungaqeda ukuyixoxa nokuyilalela, bese ukhwifela amathe emnweni,

uthinte ukhakhayi, uthinte umhlabathi, uthi:

“Kusempocompocweni lapha;

kusedwaleni lapha!”

Impocompoco-ke ùmhlabathi; idwala yikhanda.

Page 16: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Uma nithé nidlala nanyathela ixoxo, lalimala noma lafa, kusuka esinamathambo

isidumo senimemeza niviyoca nikhomba nihlokoloza, nithi: “Nyawo zami ungabothi,

ubothi! Zandla zami ungabothi, ubothi …!” Nichaza ukuthi nifisa zingagoqani

zishwabhane, kodwa zihlale ziqondile, ziphilile, yize senibulalé ixoxo nje-ke nina.

(Lalesatshwa ixoxo, kuthiwa lishayana ngombani). Niyothi nisenzé-njalo, nizwe

sekumemeza omdala, enithethisa, enitshela ukuthi leli xoxo esenilibulele lithatheni

niyolilahla ngaphandle komuzi!

Wawujabula uma kukhumuké izinyo! Wawuphuma, ume ezaleni, ugxamalaze,

ubheké ebaleni, uthi: “Kholo-kholo, that’ elami’ elibi, uleth’ elakh’ elihle!” bese

ulintshinga kude izinywana lelo, ungabe usabheka emuva. Bayosizakala ngawe-ke

omama, bejatshuliswa ùkubona isisini, uthunywe lapha, uthunywe laphaya,

kuthiwa: “Awuyongebolekela loluya khanjana olumagqewu-gqewana!”

Okungabafanyana kwakuthi uma kudlalwa emanzini, kubhukudwa, kuqaphelisise

impela ukuthi kungajunywa yinkalankala, ikulume; kwakwesatshwa phela ukuthi

okungumfanyana lokho kuyothi kungalunywa yinkalankala, kuphenduke

intombazane!

Itshe lalisancwetshwa ngozipho, lophe.

*

Kuphunywa-nje kuyoganiswa uSisi, uNtombizimhlekile, kwaMthethwa, eqeda

ukulotsholwa, sengibhekabhekile. Kwabuywa nengoma eyafundwa kwabasemzini,

okwagcina isihutshwa nangakithi uma kunelimo noma kubuswa, ithi:

“Molo-molo! Hhashi likaNongqayi, hhashi likaNongqayi

selasehlula thina!

Nguban’ owath’ indlela yedlul’ esangweni?”

*

amajalidi namaplazi

Page 17: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Izindlela ezaziwayo kwakungasahanjwa kuzo – kungasahambeki ngenxa yezingcingo.

Besekugegwa kujikelezwe kulandelwa umgwaqo nòma uya-nje khona lapha

ngaphesheya kokhalo - enolaka amaBhunu uma uké watholakala unqamula ukhalo

oselwaba yiphazi lawo; ukukunikela ngezinja bekukuncane! Bekuthunyelwa

izigijimi, ubanjwe, uqhutshwe usiwe kwamlungu, ufike utalajwe – uma unenhlanhla

ujeziswe kaludlana-nje ngokuthi uphoqelelwe ukuhlakula ukhula noma ukuyolanda

amatshe emfuleni noma-ke ukuthutha umquba esibayeni noma ukwenza yini nje-ke

iBhunu elikukujezisa ngokuthi ulenzele yona, ubonge khona lokho – nalapho uya

khona ufike uxoxe ezakwalayo.

Kwakuyaye kusuke abanumnzane, babophele noma bagibele, bebheké edolobheni

eVlayhede. Umgwaqo ovela kwaMatshekazi naseDumbe wawedlula ezansi komuzi-

nje, sibabona nasebebuya khona. Kwakuthiwa àkuvunyelwe ungene edolobheni

ungalifakile ibhulukwe! Ongenalo-ke, wayeleboleka kwabanalo uma kufanele

aphinde aye edolobheni, ayothela noma eya ecaleni kwaNdabazabantu. Useyofika

aphumule emqanseni ngaphesheya kukaBhanya noma akhuleke, angenise kwaXaba

koNtulindawo, isiphakanyiswa, ngaphambidlana-nje kwasemqanseni maqondana

nejika lespolo (lapho kwagcina sekukwaBhengu khona), abeke phansi ibheshu,

angene ebhulukweni, ashwayizele-ke eseqondé esilungwini edolobheni;

useyokhululeka esebuya khona-ke, abuye nalo-ke aziphindelele kwelakithi

eMakhwabi esezishayela-nje ngebheshu lakhe futhi.

Indukwana le eyayiphathwa ukuzimazisa umzimba uma owesilisa ephumela

phandle, kwathiwa ungangeni nayo edolobheni. Bakhungatheka-nje obaba ukuthi

bazoyithini-ke leyo yokuvathazela-nje uyindoda ungaphethe nduku, `kuhle

komfazi´; kwabacacela ukuthi seligaya ngomunye umhlathi manje - akusafuneké-

mcondo wabo lapho. Ezingadini nasemakhishini nasemgwaqeni lapha edolobheni

ùyababona abantu beshaluza, betatazela, beqonula; izikhinjana zikagawini nama-

ovalolo namaphinifana amhlophe abawabhincile angaze akuhehe, uwahalele -

yimvunulo yobugqili!

Uma ungakalitheleli ikhanda (= ukhokhe “ukhanda-mpondo” kwaNdabazabantu),

ungalokothi-nje uthi uya edolobheni; xhakathisi, valeliyane ejele! Ùsuyobonakala

emshungwini weziboshwa ugqoma imigwaqo nemisaho yezipolo noma usebenza

Page 18: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

emahlathini nasemasimini amaBhunu uma kungabanga bikho owakini othuka

ekubona, enemadlana, aphuthume ayokuhlawulela, udedelwe.

Kuthiwa ngamaBhunu-nje laba belungu kodwa ùzwa abanye bethi: “Àsisiwo

amaBhunu thina, singamaHholandi!” Abanye bathi: “SingamaJalimane!”

OShambokwe nje-ke bona kwakungamaNtaliyane. Phansi kweNdomuka

naseMakhwatheni amaplazini lawo kwakuthiwa ngawamaJalimane. Omunye-ke

uzwe kuthiwa akasilo iNgisi, uyisiKoshi, isiKhwahlilandi. Uma sebehlangene ngawe

nokho ungathi bazalwa mfazi-munye! NgamaJuda-nje ayefike ehluke impela

ngempatho, eholelana kahle kakhulu futhi uma usebenza kuwo, enobuntu.

Uqhekeko

Wachitheka-ke umuzi wakithi kwaBamb’elentulo. Basakazeka abafelokazi

nabantwababo baduka nezwe lonke; izinsizwa zaphelela bume, ezinye zadliwa

yizindunduma; izinkalo zakwethu zagwinywa ngamaplazi okokuphela (asebizwa

ngamagama-gama angaqedwa, o-“Welgevonden”, “Uitzicht”, “Nooitgedacht”,

“Traktaat”, “Bedrog”, “Voorkeurplaats” no-“Eensgevonden”).

Selokhu kwabulawa umkhulu uMlazana ngokuhlasela kwamaBhunu lokho ngempi

kakhukhulela-ngoqo eyendulela eyakwaMthashana, kuyazatshalazwa,

kuyabanjiswana, kuzanywa ukumelana nolaka oluzamazisa ikhaya.

KwaBamb’elentulo uFelaphakathi ongizalayo, uMagqugqumela, amehlo onke

abheké kuye; nguye phela umnumzana – inhloko yomuzi; uthethe ithembu, uzele,

nemfuyo namasimu kulawulwa nguye. Uze athi ephuma eyosebenza eNgoje

naseDumbe-nje, uzama ukuqongelela le mali osekuthiwa ayikhokhwe eBhunwini

nakwaNdabazabantu uma kungathuthwa njengoba kulokhu kugqogqwa

kuphindelelwa kuthiwa akusukwe kuyiwe “kwelabantu”, “ezabelweni”, kushiywe

amanxiwa akithi namathuna okhokho lapha, ashiyelwe abelungu. Wazabalaza

uBaba!

OSisi uElikha noBhuthi uElija bebethi beshayana ngamakhanda kwamlungu ubusika

nehlobo, bekhonzelé ukuthi umuzi wakithi ungachithwa, umnewethu

engimelamayo, uMkhontweni (“uWili”), abe elusa imfuyo yakithi ezinkalweni

Page 19: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

ezingenhlana komuzi, eMpethuka, nasezinkalweni ezibheké eMakhwabi. Kuhanjwa-

nje kuyoganiswa kwaMthethwa, sekwaba yiyona-mpilo leyo – umzabalazo

ngezithukuthuku nangokubekezela imihla ngemihla!

Iyachitheka imizi ngapha nangapha. Baduka nezwe abantu.

Uqhekeko-ke kwabozalo olwagcina luwuchithile umuzi luvela ngomona ngezinkomo

okwakulotsholwé ngazo uSisi uBonak’sile egana kwaNyandeni, eNcunje. Inzondo

yadlanga-nje impela yaze yagcina imkhiphé inyumbazana uMama kozakwabo,

akwabe kusahoshelwana mpela-nje. Kuthé kusuka kwase kungena iziyoni ekhaya,

lwaqhubeka udweshu, wabhoka umona wagcina usungenwé yizibukeli; uMama

wagcina ethathé isigqiki sakhe sokuqamela, wabamba mina ngengalo, wangena

indlela, elandelwa ngabanewethu, sangena indlela! Ubuya-nje uBaba emsebenzini

eDumbe, ezwa ngale nxushunxushu esisalé yenzeka, sekubholofida iziyoni

emabaleni akwaBamb’elentulo, kunukwa okuthiwa bayathakatha, kunjeya!

Ushona-nje engcwatshwa uBaba, sesaqhubukushwa thina noMama, sesingodinga-

zithebeni. Shaqiyane uBuzetsheni yonke imfuyo, nguye loya noKaMfaba, baze

bayoshaya eNkonjeni kwelaseMahlabathini, lapho bakha khona, umuzi bawubiza

ngokuthi kukwaBambelentulo.

ENkonjeni phela yilapho okwadabuka khona okhokho, lapho basuka khona

beyokwakha eBaQulusini-nje. Lapha eNkonjeni kunomuzi omdala wakwaZungu,

eMaHenyeni, umuzi omdala wokhokho. Usesuka-nje uBuzetsheni eBaQulusini,

useyokwakha lapho eMaHenyeni. Njengoba ezithakazelweni zakithi kuthi-nje

“Ncwana ngankomo yaseMaHenyeni!”, kushiwo ngawo lowo muzi lowo. Awusekho-

ke umuzi; sekuyindawo-nje okuthiwa kuseMaHenyeni.

*

udledle: 1927 – 1947

Lwasuka-ke udledle olwaze lwakhawuka ngokubalekela kwethu kwaBhanya ngo-

1942 nangokungena kwethu enxiweni eliqondene nathi ngqo ngo-1947:

Page 20: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Ekuphumeni kwethu kwaBamb’elentulo, sahamba saye saphambukela emzini

wakwaKhoza (uFelaphakathi) owayeganwé òKaMhlungu phansi kweNtshenteka,

ezansanyana-nje neTshe-likaMangethe, moqondana neBhenika; kukhonzwé-ke

eplazini leBhunu okuthiwa nguTeyisi. Lokhu yakhile imizi yabanumzane nòma

seyakhishwa isithunzi-nje: Eduze-nje kwakwaKhoza kwakwakhé uNtshangase

waseMkhwakhweni phesheya koPhongolo, eganwé yintombi yakhona lapha

kwaKhonza, bezala uGungwana, intombazanyana esasilingana nayo.

Ngaphambidlana nansiya imizi eminye: kwaMfusi, kwaXulu, kwaHadebe

koLangalibalele, eNdukwini (kwaFalaza – “iShovothi likaMbathani!”) neminye futhi

emibili yakwaHadebe, bese kuba kwaMntambo nakwaNkwanyana. KwaNgwenya

lapho kwakufundwa khona iskole kungaphesheya-nje komgwaqo-nje, eBhenika.

Kuhambé kwahamba iBhunu lamvumela uMama ukuthi azikhonzele ngokwakhe,

asetshenzelwe ngabantwabakhe iplazi. Saphuma kwaKhonza, sagxumeka

ixhokovana okhalweni ngezansana. Yilesi sikhathi-ke uMama abonana khona

nomnumzana wakwaMfusi owayesashonelwa ùmkakhe, bezwana, bahlalisana lapha

kwethu. Ngangimcasukela!

*

kwaXhaf’ngana

UTeyisi-ke lo, umlungu weplazi, unganiwe kodwa àbanamntwana. Ngudadawe

iplazi leli; lisuka eMahloni, lilithathe lonke elakwaMatshekazi, liwele iSibhobhobho,

ligudle iHhayini neNtendeka, libheke eMseni ngokuyela kwaMatshekazi:

Liyalinyelwa iBhunu, kuyahlakulwa, kuyavunwa, kuyeluswa, kuyasengwa konakele!

Sekwathiwa-ke kuseMoy’hhuku (“Mooi Hoek”), igama okwathi ngokuhamba

kwesikhathi amaBhunu antalela ngalo uBhuti uElija kwaXhaf’ngana emva kokuba

ayeseké wasebenza khona, ekhonzelé uMama nathi ukuze kesiqube khona,

singachithwa, uXhaf’ngana wayemcasukela uBhuthi uElija, amgcone ngolokhu

ehlala emkhakhameza, embiza athi “Moy’hhuku!”.

Page 21: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Sekuthi-ke angàfa uTeyisi, sekusuka isichaka seBhunu saseplazanyaneni

elingaphesheya komgwaqo obheké eDumbe ngokuyela eManzaneni, sesizwana

nomfelokazi amshiyile, beze beshada. Ahlanganiswa-ke amaplazi, kwathiwa

nasezincwadini asebizwa ngomniniwo omusha, uXhaf’ngana, ababethi uma

bemhasha bathi:

“uNondelevana

uMathand’ ezimnyama;

ezimhlophe zimdalel’ isiyondolo!”

Baqhubeka bathi: “uSonkamfu!

Sengiyakwesaba, Sonkamfu,

Ngob’ ung’phind’ umphehlu!” (= `ungilal’ uphindelela´)

Kwashintsha-ke manje, itshe lagaya ngomunye umhlathi. Bhonxu

okunguXhaf’ngana, kwaphucuphucuzeka nakho manje, kwaliyeka ikalishi

lamahhashi, kwagibela imotokali manje nakho njengamanye amaBhunu emi kahle.

Kwazikhukhumeza, alwabe lusafakwa! Bekuthi uma kuhlola iplazi, kuhambe

kuphahlwe yizichaka zamaBhunu esezikhoselé kukho, okusasazelana ngazo uma

kukusophile. Umuntu ubhaxabulwa manje-nje; uma ukhononda, akukhakhabise

uXhaf’ngana, athi:

„Hamba yena mangala; mina hhay’ katala!

Imali kimi isiyagcwalana nesaka!”

(= `Ngiyoyikhokha ngingenaxhala eyofuneka lapho!´).

Bebewuthungela khona manje-nje umuzi, banikhombe indlela ebheké

“ezabelweni”, “kwelabantu”!

Kuthé-ke esegula umkaXhaf’ngana lo (umfelokazi kaTeyisi), waziqokela uSisi

uElikha ezisebenzini zakwakhe ukuthi kube nguye omnakekelayo ubusuku nemini,

aze athinte nalapho kungasasondeli khona muntu. Ukungezwani phakathi

kukaXhaf’ngana nomkakhe kwaya kwaya akwabe kusafihleka muva-nje; waqonywa

yiwo amanesi [abelungu] lana alandwé eVlayhede ukuzonesa umkakhe. Wazondeka

uSisi kuXhaf’ngana kusoleka ukuthi uhlebela umkakhe ngemikhuba ahlala eyibona

lapha endlini; ufa-nje umkakhe, sekumuncu impela. “Hhayi gada mina wena; gada

lo nkomo!“

Page 22: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Yilesi sikhathi-ke engafikelwa kuso ùbumbulu bobungane, ngaba nomhawu wokuthi

mina angisebenzi kwamlungu njengabanye abangòntanga. EBhenika kwaNgema

kwakufundwa iskole; wala uMama ukungisa, ethi akafuni ingane yakhe iyoshaywa

“ngònesi“!

Wangenwa yiphel’ endlebeni-ke uMama, ngimhlalele ngimncenga, ngifuna nami

ukuyokhonza eplazini njengabanye! Angàmnika sthuba-nje nempela, ngithi:

“Wena Mama uyahlupha; ungenza ingane encane! Ngikhulile manje; ngiyakwazi

nami ukusebenza kwamlungu njengabanye!” Wagcina evumile; kubuhlungu nokho,

nami ngizibonela-nje.

Wangigeza, wathatha ummese wangiphungula isihluthu, wangitholela

okokwembatha okungconywana, wangiqhuba-ke, wangisa kwaXhaf’ngana, wafika

wangishiya kwamlungu ebaleni; ngangena emdibini wamantombazanyana

amadadlana kunami. Lana asengamatshitshana siyawabona nawo, sihawuke, sizwa

egeqezisa izitsha ekhishini, enukelwa ùpholishi, efreyfra evulande, eshukula

amabhodwe, egeza amafastela, ewasha, eneka, e-ayina; thina sithunywa ebaleni

nasezaleni, siyakhakhatshiwa lize liyoshona. Amakhosikazi emizi esakhé nayo yiwo

lana awashayo, kutashwa amashidi namaphilo neziphika zamayembe.

Estroysini – lapha kulala khona amantombazane – akukho skhathi sakuncokola;

kuzòfihlwa ikhanda-nje ngokuhlwa besanidedele abelungu, belele:

Ukusa kwaziwa yini. Nivuke, niqoqe izinsaba, niphembe umlilo, nenze ikhofi

lokuvusa abelungu … Thina-ke sasivuka siphuthume siyobambisana

umgqomo onenkintsho yocingo owawuyisikigi ababechamela banyele kuso

abelungu ebusuku, siwutatamise, siyowuthululela emgodini ezansi komuzi,

siwuyakaze, siwubuyisele endaweni yawo.

Lithi liphuma ilanga, sekusengiwe, kwashayelwa amabala, kwakhishwa

izinkomo; kuyakolojwa, kuyafrefwa, kuyashukulwa … ubhokile uNòna,

impama ikuhlangabeza uqhamuka-nje, uma unezinwedlana ezibambekayo,

ukudonsa ngazo, akushayise ngekhanda obondeni! Ngasuka ngigundile mina

Page 23: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

ekhaya; uMama ezama ukungihlenga kulokho. Indlebe lena uyithi xhakathisi

uNònatshi, ayishuke, ivuthe sengathi izongcothuka!

*

Kulezo zinsuku-nje nami ngithiyaza ebaleni kwamlungu, kuyasetshenzwa;

qhamukiyane uXhaf’ngana ephahlwe yilezi zichaka esezaba yizinceku zakhe,

kuthi uma ekhuluma uzibone zitatazela, zinqekuzisa amakhanda, zith “Ya,

ohm Pit! … N’ye, ohm Piet” (= “Ja, oom Piet! Nee, oom Piet!“). Sesiveva

nje-ke thina, sibamba siyeka, sishayana ngamakhanda!

Usephendukela kimi-nje kulowo mnyama uXhaf’ngana, ekhuluma sengathi

kukhona angithuma khona! Kwangathi ngishaywa ùmbani! Kwaxega

amadolo, kwaduma ikhanda. Uyathetha uyaphindelela; angiqondi mina

ukuthi ufunani, ingani phela ngiyamesaba, ngiyaqala ngqa nokuze

ngikhulunyiswe ngumlungu, angiqonde-nje ngqo eningini: “Leta lo paape!”

Akhahleke ephindelela, ethi “Lo paape galo nkuku!” Kuhlwe emini kimi!

Uvalo lushayanise amadolo, kuhlengezele izinyembezi. “Lo paape galo

nkuku!”

Angazi ukuthi ngagcina ngizwisisé kahle nini ukuthi uthi angilethe uphaphe

lwenkukhu ukuze ahhodoze inqawe yakhe lena ayiphethe ngesandla!

“ … uthengisa ngegazi?!”

Akuphelanga nsuku-ngaki, ngeqa, ngaphindela ekhaya!

Ngangilalé sengivele nginqumile ukuthi ngangigcinile ngalelo langa. Kuthé-nje

ngaphambi kokuba sivuke, siyotatamisana nesikigi somgqomo, ngahlwitha

okuyilokwana engangizé nakho ngithi ngiyoshintsha ngakho, ngakugodla, ngashay’

utshani!

Page 24: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Ngalwewusa ukhalo ngibheké eMswaneni; uGungwana, intombazana

yakwaNtshangase esasakhelene nabo, ngezwa ememeza, elandelanisa, ethi:

“Wowu! Usuhamba?!” Angabe ngisabheka emuva!

Kwakungathi sengibala izindwani zotshani; unyawo sengathi alusathinti phansi!

Ngithé ngiqhamuka-nje ezansi komuzi, nangu uMama naye usevukile, umi ebaleni:

“Moy’ oy’ngcwele! Phindela!”

“Angiphindeli!”

“Phindela! Ngeke ungisukele uyongixabanisa nomlungu! Siyoshonaphi

manje?!”

“Angiphindeli!”

“Ùsukela umlungu ezihlalele, ufuna ukungena iplazi, usebenze. Manje

usuyeqa? Usezothungela umuzi-ke manje, sichithwe ngenxa yakho?!

Phindela! Ngiyakusa!”

Ngagoloza-ke manje. Yilapho engaqhamuka khona nezwi abase belikhumbula njalo

uma kuxoxwa le ndaba, bangihleke; ngathi:

„Hawu, Mama! Kanti wena uthengisa ngegazi? Angiyi!”

Kwasukwa phansi-ke, kwaphuthunywa engakafiki uXhaf’ngana, kwayoshwelezwa.

Saba nenhlanhla kulokho; wagcina engasijezisanga.

Baqhubeka oBhuthi uElija noMkhontweni kanye noSisi uElikha, basebenza ukuze

siqhubeke siqube, singachithwa.

*

“Bhlatiful, Xhaf’ngana maan!”

Ngelinye ilanga waphinda wafika kithi uXhaf’ngana ephahlwe yizichaka zakhe,

begibele amahhashi, behlomé bephelele bephethe izimvubu noqhotho

nezingxukuxela zezibhamu, bezolanda uBhuti uElija.

Page 25: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Sababona besebuqama, besondela; kwasongana unwele. Ngabambelela ezidwabeni

zikaMama, naye esebalisa-nje engaqedi ethi sebeyombulala-ke umntanakhe

njengoba ezolandwa-nje. Kwákude ukubaleka; ngambona edumela iklwa uBhuti,

ehoba emva kwesivalo, wawushiya-nje uthé ukuvuleka umnyango, wathula.

“Upi loMoy’hhuk (= Mooi Hoek)?” esho elandelandisa ngenhlamba,

ekhona phezulu ehhashini.

“Akekho, Mnumzana!” kuphendula uMama, eqamba aluhlaza-nje,

ezama ukuphephisa umntanakhe.

Bazulazula ebaleni, bethetha, bemsongela; wagcizelelisisa uXhaf’ngana ukuthi uma

engafiki ngakusasa eskwateni azosebenza, uyawuthungela lo muzi. Bahamba.

*

Bebechithwa ubuthaphuthaphu abantu, kudliwe nezinkonyana lezo ezisekhona,

isivuno sisale phansi namangcwaba ngokunjalo. Amakhanda nezinduna oBaba

kuqala ababeyaye babalekele bayomangala kuzo uma kuxatshenwe noma

kunombango emphakathini, zase zazibalekela nazo, zayokhosela “ezabelweni” ,

“kwelabantu”, ezinye sezazikhonzela-nje nazo emaBhunwini njengawo wonke

umuntu, ezinye-ke njalo sezaba yizinduna, “iziphakanyiswa”, okuthi uma ufika

ubika ububi obukwehlele, zikukhombe kwaNdabazabantu emaBhunwini lapho

bayofika khona balivune-nje iBhunu uthi uzolimangalela, likulahle icala,

uhlawuliswe, kubizwe izinkomo zona lezi ongasenazo!

Umfo kaXhakaza, okhalweni olubheké eNdomuka, wathukuthela wathelwa

ngamanzi esebona sekuqhamuka uXhaf’ngana nezichaka zakhe bezothungela umuzi

wakhe phezu kokuba ebekezela kangaka, ebuka izinkalo zakubo ziklaywa

ngezingcingo, ehlukaniselana ngazo amaBhunu, abantwabakhe beqonula emasimini

nasemabaleni akwaXhaf’ngana, besebenza iplazi; waphumela ebaleni umfo

kaXhakaza, wabahlangabeza ephethe iwisa, wazidela amathambo, wathi abasoze

bawushise owakhe umuzi, wathi:

“Habe!

Bhlatiful, Xhaf’ngana maan! (= `Bloody fool, …!´)

Kuyeyisa kanti lokhu!

Aké ulokothe, uwokhele lo muzi,

uzongifunda ungiqonde!

Page 26: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Wokhele, sibone!

Bhlatiful, maan!”

Waqhubeka wathi: “Ngithi `Fuseki´, Xhaf’ngana, uyezwa? Fuseki!

Ngiyakwethuka manje, ngithi `Fuseki´!

Wokhele nanku!

Ngiyakhwela manje kuwe, Xhaf’ngana!

Bhlatiful!”

Omame bathi dlengelele, basukuma, baphithiza bagcwala ibala, bemenanela,

behhomuzela, bekhuza umhlolo; bathatha amageja, bethi nabo bazogalela manje

lapha kòXhaf’ngana. Dledelele!

Kwahlehla, kwaphuma nyova okungamaBhunu, kwaphindela emuva nometshiso

esandleni.

Waba yindaba egudwini umfo kaXhakaza!

Waqhubeka, wazabalaza nomuzi wakhe wonke, bekhonzile.

Kwahamba kwahamba nabo baze bagcina bechithiwe, badingiswa!

*

UBhuthi uElija wayedumé ngokubhidisa imishado, eqonywa.

Ekufunweni kwakhe ngòXhaf’ngana ekhaya bengamtholi, washaya utshani, waze

wayofika kwaMahamba ngaphambi kwaseMolmani (= Moolman) phesheya

koPhongolo, lapho afika wathola khona umsebenzi owawuholelwa imali. Ekubuyeni

kwakhe, saphuma kwaXhaf‘ngana, sayongena kwaMadevu, isiKoshi esasiyimpohlo

eNtendeka, okwakuthiwa umkaso samshiya phesheya. Kuthé uma uMadevu

esehamba emva kweminyakana, sachithwa; umlungu omusha kwathiwa uthé

uyozifunela yena abazomsebenzela, asithuthe thina siyozikhonzela kwenye indawo,

nòma-ke siye “ezabelweni”, “kwelabantu”.

Page 27: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Senyukela okhalweni olusenhla nezisefo zaseNyumayini, eMambundu, eplazini

okwakuthiwa khona kukwaYan-furi (= Jan Fouré). Ushona-nje umnewethu

uMkhontweni eBhrakpani ngò-1936, sikhonzé lapha; sahlala isikhashana esifishane

khona nokho.

Sathutha, sangena kwaMdlodlonyane eplazini eligciné sekuthiwa ngelendodana

yakhe uVivyane, owelamana noLomeni noHhantu, nabo ababenamaplazi

okwakuthiwa sekungawabo.

ElikaVivyane-ke lona lalisuka enhlanganweni yemigwaqo eMthin’kaLukazi ligule

umgwaqo obheké eDumbe, ledlule eNtendeka, liyithathe yonke iNyumayini lize

liyoma ngeBhenika. Emasangweni kubhalwé ukuthi “Almansnek” nokuthi

“Welgeluk”. Kwakungò-1937.

Kulapha-ke kwaVivyana lapho ngizé ngakhulela khona, ngathomba, ngaqoma,

ngalotsholwa; saphuma khona sesiphelelwé yindawo ngoba sekusweleké ozokhipha

mina eplazini, aqhubeke akhonzele ikhaya, njengoba mina sengicelwa kwaKhumalo,

sengiyogana.

Page 28: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Inxiwa lakithi-ke liphansi kweZunga, emqanseni obheke eVlayhede, enhlana-nje

nenhlangano yemigwaqo - oqhamuka eMthin’kaLukazi, ubheké eDumbe, nosuka

lapho ugudle iZunga ubheke edolobheni eVlayhede -; ngaphesheya kocingo

sekuyisikomplazi semayini yamalahle iNyumayini, ngaphesheya kokhalo yimizi

esakhelene nayo, esikhonzé nayo eplazini - imizi yakwaMaxase, owayengumfundisi

waseZiyoni, kwaNkosi koMaphupho, kwaDlamini koGomonqo (kubo kaAlfina

osewaba seMondlo, esasingena naye iplazi), kwaDlamini koJohani (izintombi

zakhona nazo sezaba seMondlo, sasingena nazo futhi iplazi), kwaNene koMjelemba

(kubo kaLahliwe).

*

kwaMadevu, ekha’ komama: 1934/35

KwaMadevu kwakungathi sisekha’ komama; sizibusela. Wayengathethi, engashayi,

ezilungele-nje umntanomlungu! Kuthi noma simcasulile, esezama ukusithethisa,

sizithukuthelise, sichiphize, senze sengathi siyakhala, bese esihawukela,

esesiduduza, akhuthuze emakhikhini, athole amaswijana noma usheleni, asiphe,

ajabule uma ebona sesesese.

Kwakuyaye kwenzeke avakashelwe ngònonatshi basedolobheni, azinyeze uma

bethalaza bebuka indlu namakamelo ayo ngoba kwakungaqoqiwe njengakwezinye

izindlu zabelungu, silibele ùkuzidlalela-nje thina. Simhleke, sithi uyambuluza.

Kwesinye isikhathi basibize onònatshi laba, basithethise, basiyale, bathi

asomphekela phela, simkilinele ubasi lo. Siphubuke, sibahleke usulu! Bahambe,

sizisalele, sibuse kwaMadevu.

Athi uyabheka, amaswijana lana athi uzibekele wona, asedliwe. Asibize, abuze,

siphike. Abalise: “Halayi babo!

Lo mazele yena ntshontshile lo mpahla ka mina!

Hamba, landa!

Maye babo!”

Siphubuke, simhleke. Athi uma ekhombisa ukuthukuthela, sichiphize izinyembezi,

sizikhalise. Ashayeke, asiduduze, athi: “Thula, nthombazan!” Asiphe osheleni,

Page 29: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

siphume, siyothenga estolo eNtendeka, sithenge iziqhano, izipeletu, sihlobe kube

njeya; ibhalede lena isabiza usheleni. Sithenge uvaselina, amakamu, siswenke sibe

bahle. Sithathe amasaliduku akhe amahle siwathwale ekhanda.

UMbhi wakwaMncwango, umngani kamnewethu uMkhontweni (owayesàbizwa

ngelikaNjintimane - `Gentleman´ - elasuka ayekade ebhinqwa ngòXhaf’ngana

ngenxa yokuzithanda kwakhe nokunakekela izingubo ezinhle, enezicathulo), wake

wafika naye ezozicelela umsebenzi; ahleke uMadevu, asibize thina mantombazana,

athi asizomzwisa, nangu uMbhi ezocela umsebenzi! Ancokole naye, agcine ethé

akabobuye abuye ngelinye ilanga. Amuphe imali. Kwesinye isikhathi athi

asimculele sithi: „Badlala ebsuku!

Balala eksen’!“

*

KwaVivyane, ebgqilini: 1937-41

KwaVivyane ngangivamile ukucela ukuyolala ekhaya. Ukusa kwaziwe yimi:

Ngewuse ukhalo, ngenyukele khona, ngihambe ngitheza izinsaba zokuphemba

umlilo, ngithi ngifika ekhishini, sibe siphuthuma, sibilisa amanzi ekhofi lokubavusa

abelungu, kutatazelwa kunjeya, liphuma lize liyoshona – njengakwaXhaf’ngana

nakwaShambokwe. Abanye-ke bona babeké baphunyuzwe izinyangana ezimbalwa,

bakwazi nokuyolima bahlakule emakubo nòma bayosebenzela imali emakwatasi

nasedolobheni; mina ngake ngaphuma izinyangana ezimbalwa, ngabanjelwa

nguMfusi, waphuma, ngangena futhi – umshaw’shile-ke ngoba ngingenabani omunye

owayengangingenela uma ngingaké ngithi ngidinga futhi ukuphunyuzwa: OSisi

uBonakusile noNtomb’zimhlekile base bagana, uSisi uElikha esazisebenzela

kwaTomasi (= Trevor Thomas) emakwatasi eNyumayini, umnewethu uMkhontweni

esazishonela, uBhuti uElija esaganwa, bezihlalela noMaKhumalo emsebenzini

eJuteni eNyumayini estolo. Sekuyimi-nje esengimele ikhaya eplazini.

Njengoba akhelene-nje amaplazi, ahlobene amaBhunu akhona. Uké uthunywe,

unikwe incwadi, ichonywe othini ukuze ungayithinti ngezandla zakho uyingcolise,

kuthiwe ise eSkhaleni-seNgonyama noma eMakhwatheni noma le eShoba kwamanye

Page 30: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

akubo; kwesinye isikhathi nithi nisebenza-nje nibone sekutheleka isishomo

sezinsizwa zamaBhunu, kanti zimenyelwe ukuzobambisana, zitalabhe omunye wenu

okwenziwa ngaye isibonelo sokuxwayisa nokwethusa abanye: Ayazixoxixoxisa-nje,

azidlise satshanyana, ningasoli lutho; bese elinye likuthuma eshabhu noma

evaneysini (= “waenhuis”/egaraji) noma esbayeni, uthi ungangena, akujume onke,

avale umnyango; kokunye akuphosele isihibe kuhle kwenkuzi ebhokayo izothenwa,

ujanqule ekubopha, etibilela kuwe ngezicathulokazi, utalajwe-ke ingabe kuthiwa

woneni, awumhloniphi unòna, ùluhlaza, `uthi uyazi´ (= “verdomde kaffer!”),

akushiye uludaka!

Wasikhomba indlela-ke thina uVivyana emva kokuba sesinqonulé iminyaka eminingi,

ehluma ngathi; akwaze kwababikho nashihe-nje sokuthi isalukazi esinguMama

okungenani àsisale sesigugela enxiweni laso emva kokuba umntanaso esesebenzé

kangaka engaholi engaphunyuzwa! Ongasenamandla bamkhomba indlela –

“ezabelweni”, “kwelabantu” -; bayaceba bona, baya phambili – naleyo naleyo

ndodana yabo idatshulelwa udadawane weplazi, ihlonyulelwa imfuyo nezisebenzi.

Saphuma nentombi yaseMhlungwini, sangena indlela futhi. Sagcina kwaBhanya.

“Kwehluké ibala lesikhumba-nje kuphela!”

Oxhaf’ngana-ke bona, “oMathand’ezimnyama”, - ngixoxelwa nguKaMhlongo,

uAndrina wakwaSthole uMkaMalakatha, unina “kaMlungu” – wayengaké akudumbe-

nje uyintombazana phakathi kwamanye, akhulume nawe akuxine-nje impela, wale

uma wala, nòma uthunywe eplazini elingàle kwehlathi. Uthi usuqhelile, wasithela

ngàle, qhamukiyane uXhaf’ngana! Ubathè ukhuza umhlolo, uzesabela ihlazo

elingavela uma wehluleka ukwenqaba nobunzima ongabulethela abakini obungaba

ukuchithwa naseplazini sekugcikwa ihlazo elivele, angakushayi-mkhuba-nje

uXhaf’ngana, elokhu ebelesele, ekwenqaka amabele, ekucumbaya emakhwapheni

nasemathangeni, ekufuna ocansini, ethi: “Lo gazi yena fanana!”, ethi kwehluké

ibala lesikhumba-nje kuphela!

Wayeze akukhombise okuyisikhwanyana agqokisé ngakho umphambili (namuhla

kuthiwa yikhondomu), athi ungesabi, ngeke kwenzeke monakalo.

Page 31: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Kwakwenzeka ikhulelwe intombazane ningena nayo iplazi; unyamalale umuzi

benakhé nawo kuthiwe sebàthutha baya “kwelabantu”, “ezabelweni”.

Abanye – ababeqomé amaJuda nàbasebenza edolobheni – bebewazala

amagqwagqwa amehlo-luhlaza neziyabuyabu zezinwedlana; kumane kufelwe

phakathi-nje kube ùmthwalo womndeni. Abanye bezaliswa ngamasotsha: Leli

khalathi laseMaMbatheni eMahlabathini elaganwa yintombi yakwethu, uMilyemu,

yokaMaNkosi waseNgoje eMaGameni, ngenye yezingane oyise - amasotsha -

ababehamba bezitshala ngobudlova bokuphoqa amantombazane akithi, bewalutha

bese bewaphendukela, bewashiya enjalo uma bengasawanyamalalisanga, bevala

ihlazo ebelungwini bakubo.

Sasizwa lukhulu, sibuka lukhulu! Bengahlawuli, bengaloboli, bengondli; kungekho

namkhulumeli, yonke imithetho ibavuna.

*

KwaVul’mbobo, enkomponi

Lapha kwaVivyane-ke sakhelene neskomplazi semayini yamalahle, iNyumayini;

singaneno-nje thina kocingo.

Izinsizwa zikagilimede (= labour agreement) nezenkwenteleka (= labour contract)

ezimba ilahle, zakhelwe – ezinye zinemizi khona lapha, zizele; akuyizo zodwa-nje

eziqhamuka kwelakwaZulu kuphela, nanka amaSwati, abeSuthu, amaVenda,

amaNyasa, amaZwangendaba, amaMfengu, abaThembu, amaXhosa, amaNdebele,

abeTswana …! Umphathi wemayini, ababembiza ngokuthi nguVul’mbobo,

kwakungumlungu owehlukile-nje kwabanye, eganwe yintombi yakwaMakhanya,

uAna. Wayaziswa kakhulu eskomplazi; engaveli ngazwi, ebheka-nje, edlule.

Ubona-nje ukuthi kuyamthokozisa ukubona abantu bebusa, besese.

Page 32: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Babehola imali, bemukela nokudla, behleli kahle abantu basemayini. Kuthi

ngoKhisimuzi, kugquzuke imizi yonke le eqaqele intaba, eMakhwabi, eBhenika,

eHhayini, eDray’hhuku, eZungeni, neyaseMambundu, eSkhame, eMthin’kaLukazi, …

iphelele kwaVul’mbobo, kuhlatshiwe, kuphiswé utshwala besintu, zihlobile

izinsizwa ngobuzwe nangobuzwe bazo, zisina, kukuhle kunjeya! Ingaphathwa

induku! Kubuswa, kube kuhle.

(Ngingakazalwa mina, uNyandeni owaganwa nguSisi uBonak’sile wayesebenza

eNdomuka, emba ilahle – ngò-1920).

Uyihlo sibonana naye-nje (ngo-1941), usebenza lapha eNyumayini.

*

eMahlabathini kwaKhumalo

Sasisakhonzé kwaVivyane ukubonana kwami noKhumalo nokuya kwami naye

kokuqala eMahlabathini kwabo, ngibuya ngithathekile; kanti ngisazolihamba lelo

zwe ngize ngilifake isiphandla!

Ngangiqala ngqa ukugibela ibhasi (ngo-1941).

Savuka ekuseni noKhumalo, salukha ngezinyawo siqondé lapho ibhasi

yayigitshelelwa khona edolobheni eVrayhede; isuka liphuma-nje ngo-7.

Wasithathela amathikithi uKhumalo, sasho phakathi, yasuka!

Page 33: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Liphakama ilanga-nje sesisendleleni; ngiyathalaza, ngapha yizinkalo nganeno

kweMfolozi-eMhlophe ngamasimu, ngàle yihlanze nochungechunge lwezintaba

kulokhu kusukè eZikhume, wedlule eSiweni-sezimbila, eGomfolo, eNhlazatshe ...

Senginkemile-nje mina, ngibabaza ubuhle obungaka engiqala ukububona: Izihlahla

nezihlahlanyana, utshani obuluhlaza nobumpofu, obude nobufishane, izinkalo

ezibekile namathafa enile.

Ihamba ima ibhasi, kugibele abanye, abanye behle, kubuye kuthiwe „chama-

stesh’!“; kukhona nabathengisa okudliwayo, athenge uKhumalo, sidle! Sidlani

olubabayo!? ((„Amaphosiso lawo: Saze sangena eNhlazatshe ngo-11, wathenga

isinkwa, sahlala phansi wathi asidle, ngidla nginamahloni, ngesaba ukuthi uzobona

imihlathi inyakaza, ngiphoxeke.“)).

Yayifike iphelele eNhlazatshe ibhasi, bese nehla, nilukhe ngezinyawo niqhubeke

nina eniya eMahlabathini; intaba niyikhombe ilaphaya, isondele, niyihambe nize

nehlele ngàle kwayo, niqhubeke! Ngibathé ngiyazama ukumfica uKhumalo, lutho;

kube sengathi-nje ngilubeka lapho ngiluthathé khona; abuye eme, angilinde,

ngimfice, siqhubeke. Ezami izinyawo aziwazi la matshe abukhali okucacwa kuwo,

ngiyaqhuzuka kunjeya; nanka nameva – amanye made angangomunwe, indlela

inichushisa naphakathi kwawo.

Sagcina sifikile-ke kwaBayeni, phesheya kweNtshelela. Kwaba yigugu ngizobonwa.

Sifica umakoti wensizwa enkulu, uKaSthole.

Sesibuya-ke, sagibelela estolo eDlebe; safika eVlayhede sesiqhamuka ngalo mgwaqo

ovela kwaNongoma.

Dukuduku babengena abazolobola.

*

UKhumalo-ke yena nguNtabayezulu ngebutho, uzalwa yintombi yakwaSiyaya

kwelaseNgoje, ngokudabuka-ke kodwa ngeyangaphesheya koPhongolo, „eSwazini“

Page 34: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

kwelikaMbanzeni. Uyise kaKhumalo, uSomcuba, kwakuyiNgobamakhosi ngebutho.

UkaSiyaya wabelamanisa kanje-ke abantwabakhe:

1. Wazibula ngoCala („uSamsoni“), owakhula, waganwa ùKaSthole, bazala

òEnos, noJona, noMayna (= „Minah“), noMpini, noMlili noJethu (=

„Jethro“).

2. welamanisa ngentombazane, uMbimbi („uBhelina“), owakhula, wagana

kwaMathenjwa eNgoje, bazala òTobhitshi, noMfana, noMagangalazana,

noKhange, noNdoda, noNtomba, nengane eyashonela kwaBhanya

(angisalikhumbuli igama layo);

3. welamanisa ngoMkhulunyelwa („uJonatani“), owakhula waganwa yimi,

sazala nina;

4. wagcina ngamawele, umfana uMgengenene („uEsawu“), iNgangakazane

ngebutho, owakhula waganwa nguMaNkabinde, bazala òDuduzile

noNelile, bakhé eTsakane, eBhrakpani.

Iwele lentombazane lenda.

UkaSiyaya ebuntombini bakhe wagana kwaKhumalo, wagana uNtshumayelo,

„uFalaza“ ngebutho; bazala uSamsoni noBhelina, washona uFalaza, wawa

wakhalakathela eweni. Kwase kusuka umfowabo kaFalaza – umfowabo omkhulu,

uSomcuba, ibutho lakhe „iNgobamakhosi“ – esemngena uKaSiyaya njengokwesiko,

evusa umuzi womfowabo, bazala uJonatani ozala nina, bamelamanisa ngamawele

òEsawu nentombazana eyendayo (eyashona ivela).

*

KwaBhanya: 1941 - 1963

KwaBhanya sifika ngibelethe uAzi, ngikhulelwe uMfanuvele; sizé sasuka ngo-1963

uHulumeni esewuchitha uBhanya emva kokuba káde baqala begqugquzela, bethi

akuthuthwe kuyiwe „ezabelweni“, „kwelabantu“.

Sifika kwaBhanya nje-ke sesiqhamuka naseKhornesheni sinoMama, silandela uBhuti

uElija, sethembé ukuthi uyogcina esitholele lapho singaphemba khona inxiwa elisha

Page 35: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

lakwethu, sizinze, emva kokuchithwa kwethu kwaVivyane. Do! Siphenduka-nje

sibheka kwaBhanya, kade azihambela naye uBhuti, wasishiya, elandela

uMaKhumalo, waze wayoshaya kòPhoshebstoni (= Port Sheptstone).

USisi uElikha usesikhulumela-ke kuAna, uKaMakhanya, uMkaVul’mbobo, kwalunga,

sangenisa ekamelweni lendlu yestini uVul’mbobo ayesamakhela yona umkakhe

estendeni sakhe kwaBhanya phezu komhosha uSkhovana.

Kwakhiwe kwaBhanya; kuyakhiwa kuyaqhutshekwa, kusuka eMabululwane kuze

kuyoshaya ngaphesheya kwebhuloho eliwela uBhanya ezanzi kwaseMalomeni,

kugudle ukhalo lwaseMakhwatheni ezanzi kwespolo, kwedlule ezanzi kweSkhame,

kugudle ihlathi, eAntiyokhi, kuwelele ezimbaxeni kuqhubekele emaxhaphozini

ezansi kweplazi elagcina sekuthiwa nalo sekungelikaXhaf’ngana, kuwelele

eNazaletha ezansi kwaMabululwane kuze kuyoma futhi ngoSkhovana.

Bakhuthele abantu bakhona, àbakhonzé-plazi, basebenzela umholo edolobheni,

enyumayini, emahlathini, kwakopeletsheni, ezinkwalini, kwaloliwe nasekudeni;

abanye baphila ngemisebenzi yabo, banamashabhu, bazimele.

Banezingadi, balima amakhabishi, ispinashi, nòtamatisi nobhontshisi namazambane

namathanga – singasawuphathi ummbila -, bazithwale izilimo zabo bayozidayisa

emakwatasi nasemajaldini edolobheni nakhona lapha phakathi komuzi.

Abanye bakhela abanye izindlu – amahhisi – ngamsoyi, bafolome nezitini zodaka,

bakhe amafastela neminyango, bashayele amakabha namabhaluko, bafulele

ngobunono ngotshani. Kukhona nabakhé ngestini, bafulela ngothayela, babiya

ngezigxobo zensimbi namadolobhela, bafaka ucingo olunameva nofenisi, batshala

uthango njengoba wawuyaye uhlale ubona emizini yabelungu.

Ziyashiyana izitende ngobukhulu; akuyibo bonke futhi abanezitende zabo – iningi

liqashile, likhokha intela.

Amanzi okuphuza akhiwa eziphethwini nasemithonjeni ethuka ivela nganeno

nangaphesheya komfula. Laphaya nalaphaya kukhona osembé ipisi ejaldini lakhe;

Page 36: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

basizakale khona-ke omakhelwane ngamanzi okuphuza nawokupheka. Amanzi

akhona avame ukuba swidi, ampofana sengathi athonsiselwé ngòbisi. Kuhambé

kwahamba bafuna imali manje nalaba okukhiwa kubo la manzi; kwehlukane-ke

ngemizi-ngemizi nangokuhoshelana kwayo njengabakhelwane. Esontweni

laseLuthela, “eBhesta” (= Besterspruit), kwagcina sekugxunyekwé impompi

eginxizwayo, ewalanda phansi amanzi; ufike ubeke umgqomo, ukhongoze phansi

komlomo wayo ngaphambili, bese ujikela ngemuva, uviyoce ngomphini emva

kwayo, uginxize, uginxize, adamane ephuma-ke amanzi, uze ugcine ugcwele

umgqomo. Kuhambé kwahamba nakhona kwafuneka imali; iyakhula njalo

ngokuhamba kwesikhathi. Awakhona amanzi-ke ayehlanzekile edlula

awasemthonjeni; uthi noma uwabilisa, abelokhu emahle-nje, angasuki athwale

igwebu elinsundu njengawasedikwe.

Kugezwa emadwaleni, niguxungane nishaye ingqakala, nibuye senibahle.

Kunezizitshana nezintshelelezi nezimpophomanyana lapho kudlalwa, kubhukudwa

khona. Kuwashwa khona lapha, uma-ke ungasawalandanga ngomgqomo amanzi,

wayowashela kwakho ebaleni. Amanzi okuxova udaka lokufoloma izitini zokwakha

nawokunisela engadini athuthezelwa elandwa lapha edikwe nasemfuleni.

Kuyenzeka-ke line kakhulu, ugcwale, ungaweleki umfula; kwesinye isikhathi lomise,

kushe ngisho nezizitshanyana ezihlala zivela. Entwasahlobo kuvela oshobishobi

emanzini asogwini anesihlabathi, nezinkalankala – ezincane nezinkulu.

Izimfundamakhwela zibonakala zintwela emanzini namabheb’manzi egcobhoza

lapha nalaphaya; kuvamile ukuthi welamele uthekwane ecwathile, ezibuka

emanzini. Ehlobo kuvama ingubo yamaxoxo uma ungashile umfula. Kobhabh’lini

abaqaqele uSkhovana kujwayelekile ukuthi emini kwabhá welamele iskhova

sidwalile-nje kanti-ke ebusuku uyazizwa zibubula ziphindelela zithi “Phum’

ung’bhule, nami ng’zokubhula!”; kusihlwa nasentathakusa ùbona amalulwane

ehlwitha ubala aze acishe akuhlwithe izinwele ekhanda!

Okokubasa kuyathezwa; amalahle eNyumayini, izinkuni emahlathini kawatela

ngemvume yabaniniwo, amaBhunu. Kukhona-ke nokho khona lapha phakathi

komuzi abadayisa ufaywudi (= firewood) namalahle. Onekalishi leminyuzi noma

lezimbongolo uyabophela, ayokulanda okokubasa lapho kuthezwa khona,

nikuthenge kuye.

Page 37: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Ezansanyana-nje nakule ndlu yakwaVul’mbobo esingenisé kuyo noMama kwakhé

umuzi wakwaNxumalo. Sasizakala kakhulu ngabo ekufikeni kwethu singenalutho.

Kwakuyaye kuthi nalapho sesihlaselwe yindlala, sisinde khona, sithole okokususa

esemehlweni nezingane, oAzi noMfan’vele, engamtholela siselapho kweVul’mbobo,

kezizwe-nje nephunga lenyama.

Ezansi noBhanya ngokuyela ngasebhulohweni nangaphesheya ngokuyela ejikeni

lestimela eMakhwatheni, yakhelene eduze imizi, baze bayibize ngokuthi kuseSdidini

naseMkhumbane. Kwandé omame abaziphilisa ngokuphisa (= ngokugaya utshwala

bokuphiswa-nje okuhambé kwahamba-ke nokho nabo babiza imali, nayo nje-ke

engetheni), kwedlule ababuya emsebenzini, bathenge, kuphuzwe, kosiwe kube

njeya, baqhubekele emakubo, abanye-ke basale sebevukela khona ngakusasa

sebeya emsebenzini! Ngokushona kwelanga nangezimpelasonto kuhlala

kuhhomuzela, kunomsindo eSdidini naseMkhumbane; kujwayelekile futhi ukuthi

ubone sekuhiliziswana, kuze kulwiwe, kulinyazwane. Muva-nje sekwagwazwana

ngommese, iveni yamaphoyisa ne-amblense iké ifike iphindelela. Utshwala

obugaywa khona akusibo lobu thina noMama esibaziyo besiZulu, umqombothi; lobu

buvutshelwa nangoshukela – kuthiwa yinkwishi, “yisinyiso” (= isixavathi);

bubangelana iThìbhì (= T.B.), isifo sesifuba esingelapheki. Bagqunqa babe

mnyama, bomelele, babhubhuzele uboya ebusweni nasezingalweni, babe mlomo

ubomvu ababuphuza kakhulu.

AbakwaNxumalo-ke base besizakele ngami, sebetholé abamthumayo, abalandele

notshwala eSdidini, baphuze, basiphe nathi noMama, sithathe ithamo elikhulu

senziwa yindlala. Sithi sesisodwa ekamelweni kwaVul’mbobo, abalise uMama

ngalengozi yophuzo abona sesizongena kuyo ngenxa yendlala.

*

KwaFosi

Kulowo mnyama-nje kwaqhamuka uSangweni owelamana noyise kaJosaya uthisha

uM’bamb’yashinga. Uthi eplazini kwaFosi egqunyaneni enhla kwasemaxhaphozini

Page 38: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

(eplazini nalo eligciné sekuthiwa ngelikaXhaf’ngana), lapho esebenza khona,

kufuneka inkosikazi ezophekela iskwata estroysini; ipheke, iphake, izihambele

nsuku-zonke izilalele kwayo. Kwabe usho entshweni!

Kwakungathi ngiyaphupha sengimi phambi kwezimbiza: Ngalupheka uphuthu

ngalugalela ugalaza, sathi singakabuyi iskwata ukuzokudla, ngabe sengiké

ngazizwisa emasini, ngasishaya sábomvu! Ngafika ekhaya ntambama ngiphethe

amasi, kwajatshulwa, sazitika, salala sisuthi esingeqiwa gundane.

Kwahamba kwahamba uSangweni wangitholela okuyithungana ukuze kuthi nalokhu

engihlala ngikuphathela uMama nezingane, kwanele futhi kuphatheke ngconywana.

Zajabula izingane ngamasi; nsuku-zonke sasidla sisuthe. NoSisi uElikha kwakuthi

uma ethuké wa-ofa kwaTomasi, wavakasha, esiphathele imadlana noma

okudliwayo, kungabe kusaphelela ezeni njengasesikhathini sendlala.

*

Wasifuna waze wasithola noBhuti. Sesimbona eseqhamuka-nje futhi. Sajabula.

Bathetha omakhelwane, bemthethisela ukushiya unina engenamondli, ahlupheke

kangaka indodana ikhona, idla amabele. Akuthathanga sikhathi esingakanani

wathola umsebenzi uBhuti kwaMpandlana estolo eJuteni. Kwasixolela

ukuhlupheka.

Kwaba muncu uFosi esethuthela edolobheni emva kokudayisa iplazi; ngaphelelwa

ùmsebenzi owawumuhle kangakaya. Ngazibuza ngaziphendula-ke manje ukuthi

sengizowathathaphi amasi izingane seziwejwayele kangaka. Owayeze angidalele

umunyu nguMfan’vele esekhala efuna amasi; angibambe ngengalo athi “As’hambe

s’ye kwaFohli!” silande amasi!

*

kwethu nakwami: 1943 – 1964

Page 39: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Ngaphesheya komhosha uSkhovana kuseyindawo yakhe uAna yonke leyo egamanxa

ukhalo olusezansi nezihlahla zendlulamithi zakwaMthethwa, yehle ize iyoshaya

ezanzi enhlalangenweni yemihosha, yenyukele ezimbaxeni, ijike ngomfula uBhanya

ezansi kwakwaHhamali nakwaJantshi, yewuse umfula, ijike phakathi nokhalo

maqondana naseAntiyokhi, iwelele neno, yedlule kwaNxumalo ize iyojika

kwaMwelase ngokuyela emaxhaphozini, ibuye neno ize igcine phezu kondonga.

Sithé sisuka, sasisopha ukuphuma ekamelweni esasikade singenisé kulo, siwelele

okhalweni olungaphesheya, lapho kwase kudatshulwa khona iziza, siyozakhela

khona. UAna wasikhomba esizeni esiqondene nesakwaNxumalo ngaphesheya,

ezincwadini esibhalwé ukuthi singunombolo 44. (= “Remainder of Erf 44, 2.1345

Hectares + Portion 1 of Erf 44, 1.7809 Hectares; of the Remainder of Portion 1 of

the Farm Schaapkopje 194 in the HT Registration Division, Situate in the Vryheid

Magesterial District, Natal).

Ngathutha amanzi okuxova udaka lokufoloma izitini nenhlabathi yesiduli somuhlwa

eyayithandelwa ukuqina kwayo ekugandayeni phansi nasekulolongeni ubonda.

Ngaqombola ngayotheza izingodo nezinkuni nezinsaba ukuze ukufulelwe; utshani

Page 40: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

bokufulela lobu babuthuthezelwa yimi, ngibusika phambi kwaseSkhame

naseMakhwatheni ngibuthuthezele ebaleni. Sawakha ulondo, sangena, kwamnandi

ukuba sekhaya!

Yilo londo enakhula niwazi ngokuthi kukwaGogo, owaze wadilizwa ngògandaganda

bamaBhunu ngokuxoshwa kwethu kwaBhanya sesiyolahlwa emathendeni ezansi

kwamangcwaba aselokshini ngoFebhwari 13, 1963.

Kusoleso siza, eduze-nje nolondo, uBhuthi waqasha umeselane, uMashazi,

wamakhela indlu yestini, wayifulela ngotshani; ngemuva waxhuma ikhishi – nalo

lestini – lafulelwa ngothayela. Inamafastela – amawindi – engilazi. Usasebenza

eJuteni, uMpandlana, belu; uhola kahle. Wayeseganwa nguMaDlamini.

Nami ngazigxumekela okuyihhisana ebaleni engangiyaye ngiphume ngiyolala kukho

uma ngivakashelwé ùKhumalo, “eNgweni”. Kwakujabula okuyizingane uma ngithi

asiyolala khona; uMamile ananezele athi: “Lal’ egeni, thina! Lal’ egeni!”

Lesi siza sakwethu sibhekene nomuzi wakwaMthethwa, amaNazaletha (bakholwé

kwaShembe). KwaMthethwa kutshalwé umugqa wezindlulamithi zagudla uthango

phambi komuzi. Kuneshashalazi-ke elingakhiwe phakathi kwethu nabo, elisuka

odongeni kwaSkhovana liqhubeke njalo, ledlule kwaMkhize (kwaMilyemu), ledlule

kwaMpanza (kwaNomaNgisi), ledlule kwaSangweni, “eBhesta”, kwaDube,

kwaNyandeni, kwaMaZwane “uSwenka”, kwaMpanza, kwaMaSmelane,

kwaMntombini (“kwaNabantukobho ethilomu”), kwaMashay’ndoda okubhekene

nakwaSbisi (“wezinkuni”), liqhubeke njalo lize liphambuke, liyoxhuma umgwaqo

wetiyela enhna-nje nestolo “kwaKhal’elibi”. Kuthiwa kusemgwaqeni.

Nganeno kwasemgwaqeni phakathi kwethu nabakwaMthethwa kwakhé

abakwaGama; umfelokazi uMaDlamini onguGogo wòSbongile nòNengi (noMpimpi,

uthumbu: 1951) ngunina kaGama, uM’bombohhomu, oganwé nguKaMyeni,

“uKaMabhosho”. Indodakazi yòkaMaDlamini, uAlisi, uanti wòNengi, ihlala khona

lapha nayo. UBhoyi noFilmoni Zwane bazalwa ngudadewabo kaMaDlamini; bahlala

lapha nabo. Ingcwaba likaFilmoni lisabonakala nanamuhla lokhu; lalisezaleni-nje

phakathi kwemizi.

Page 41: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Maqondana nakwaMthethwa, emva kwakwaGama kunomhubhe ogudla umngcele

westende esakhé kuso, ohamba uze ushaye emfuleni ezansi. Nganeno kwalowo

mhubhe-ke kunesiza okwagcina sekungesakwami, lapho nakhulela khona-ke nani

nonke kwaze kwazalelwa khona uthumbu esathutha naye esakhasa ekuchithweni

kukaBhanya ngo-1963. Kulesi siza-ke safica kumi ulondo wakwaThusi okwakukade

kuhlala kuwo omunye wonina bakaNgqanda. Sifika nje-ke thina, sekwahlala khona

uNdolongwana wakwaNgema kulowo londo; uNdolongwana-ke yena wayezalwa

nguKaMafu, owagcina esenedumbe esegugile. Sekuthi angaphuma uNgema ngò-

1945, uMaDlamini wakwaGama usefaka izinkukhu zakhe khona. Ngaphuthuma

kuAna eNyumayini, wathi angikhokhe imali, ngingene; ngamnika osheleni

abayiskhombissa, sangena!

*

omakhelwane

Kuneshabhu ebaleni kwaGama; ngelikaMdluli, iSwati. Ukhanda izinqola, akhe

namasondo azo, awafakele izipokwe, awabethele ngamaringi ensimbi. Unesifutho

okuvuthelwa ngaso ilangabi uma kushiselwa. Kuyacangcadwa, kuyaqongqodwa,

lokhu sishilo isando lize liyoshona.

Ngokuyela ngasodongweni kuseMantshalini, kóKaNkwanyana, kubo kaMpandlana

nòThandi nòMfan’seni, lona uBongani ayethi ngaye “Umfan’ wakwaMpandlan’

unensimbi lapha!” esho insumpa eyayisekhaleni.

Kwahamba kwahamba bagcina bethuthile abaseMantshalini, baya kwaCeza; endlini

kwangena uAgripha Mtshali nomkakhe nomntwana, kwalandela abakwaMthembu,

“uDab’laph” (= “Double-up”) kwaze kwaba sekuchithweni kukaBhanya ngo-1963.

Kulelo nxiwa-ke ngokuyela ngasodongeni kunamangcwaba akithi: elikaMama

(+1951) nelabantwabami ababili abelama uMamile, òMakhosazana nodadewabo

(“intombi kaDingane”) abashona belamana besebancane, kanye nelendodakazi

kaBhuti noMaDlamini, uZethu (+1950), entanganye noBheni, nayo eyashona

isaphethwe-nje.

Page 42: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Emva kwaseMantshalini, maqondana nakithi (kwaZungu) kwakukwaNtuli,

uMaphephuka. Kwathi sebáthutha, kwangena imizi yokufika idedelana. Komunye

wayo kwakunentombazane elingana noSizwe (= *1954), uSilviya, okwakuthi uma

uyise eyimemeza bahleke oBheni noBongani, bethi ungathi uthi “Vivyón!”

Ngaphambidlana kwalaph, phé’ kodonga, kukwaMbuthu, kóKaNyandeni,

ababeqhamuké kwaMnyathi, intombi yakhona enkulu, uSalomina, yayidlalisana

nezingane òBheni nòBongani noBheki – ikakhulukazi noBongani –

beseyizithohlongwana ezidlala ebaleni ezingakangeni naskole, ibachukuluze ilingisa

“uMntanenkosi” ithi kuBongani: “Khencencé! Kuncekuz’ iBonga!”, athukuthele

uBongani, aphendule athi, “Kuncekuz’ iSalomina!”; bamelekelele nabanye

bammemezise. Kokunye bakhe izinswazi ezihlahleni zamampentshisi nakunùkani

ezaleni, bathi bazomlalela endlelene uSalomina, bamvimbe, bamshaye,

“uyedelela!”; aqhambuke, ababone esekude, abhoke ngolaka, babaleke, abahleke,

aqhubeke abantalele!

USalomina-ke yena wayelanywa ngòAzaliya nòThabita (unina kaThandi) nòMikha

nòIzlomu nòLeni nòAmos (“uKheybose” okwathi esekhulakhulile-nje sekwathuthwa

kwaBhanya, sekwhlalwa elokshini elisha ngo-1973, wabulawa ngokujunywa

ngommese estimeleni samahuzu esasisuka eGlenko ngentathakusa siya eVlayhede)

yena elanywa nguZefu, owayeyintanga yòSizwe noBheki (= *1953/54).

Eduze kwakwaMbuthu, maqondana nakithi (kwaZungu) kwakhé abakwaMthethwa,

uGcemeza, naye oganwé nguMaDlamini okhumbuleka kalula ngokuthi wayehoshoza

(uMaDlamini), indodana yabo uMishaki, eyayihlala lapho nayo nomuzi wayo,

yayiganwé nayo ùKaMyeni, uKaMabhosho naye njengoKaMyeni wakwaGama,

amaSwazi ngendabuko, benodadewabo okwathi ebavakashele, uSbongile

wakwaGama esemncane wezwakala eseqhoshela òMamile nabanye ababedlala

nabo, ethi: “Kithi kufiké uswazi olunenhloko!” - uMaDlamini omncane, unina

kaFilmoni noBhoyi. Wayevela kwelaseSwazini, ekhehlé inhloko. KwaMthethwa-ke

izingane zakhona kwakungòGeli nòNokhu nòMqongo nòMatobzini nòNtotho noKeke

(“uKekelezi” owayelingana nòBheni noBongani) noMaseko (owayelingana noSizwe,

bedlala bobabili njalo-nje). …

Page 43: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Endlini yakwaMthethwa kugciné sekwangena abakwaSthole, uMalakatha, noAndrina

uKaMhlongo (= “uNjomane”) esasizwana naye kakhulu, sihlelisene kahle kabi naye;

engumuntu wamahlaya nenhliziyo enhle. Abantwana babo kwakungòJabhsile

(okwathi esekhulile kwezwakala ukuthi kanti babethandana noAzi) noNtombi

noPopo “noMlungu” (= “uJiba”). Kuhambé kwahamba kwafika uKaMadela, esuka

eMakhwatheni nokuyintombazanyana kwakwakhe, bazohlala khona lapha

kwaSthole, eseziganele naye uSthole – isthembu.

Ngaphambidlanyana-nje kwalapho kukòKaSbisi owayekade egané kwaKhumalo,

unina wóGudnese (owagana eNkandla) noQhamkile. Wayesazihlalela nesoka lakhe,

uMaseko, iNyasa. Wayenendlela yakhe-nje yokuzikhulumela uma eboleka noma

ecela into. Esasesimkhumbula ngalo ngelesbozana skafenisi: “We MaZungu! Aké

ungiphe lesi sbozana skafenisi ngiyobiyel’ amatshwel’ ami!”, esho esewuphethe

ufenisi umuhle-nje, uphila, nathi siwudinga!

Ngaphambidlana-nje kwakòKaSbisi, ungakafiki emhubheni owehlayo oqondé

emfuleni, kukòKaMahlaba, unina kaStoto noMphaseni, owayegané uSbisi,

iShangane, wagcina esegané uLwabethe, umalume kaFanono noNgcede, abazukulu

bakaMakhumalo, uNophosho, enikhulé nithi nguAnti,

“uKekela kaNgobe, ongenalulak’ emntwini;

ulaka lwakhe ùkuncintshana!”,

unina wòJundu, ababesebenza eThekwini. Ngaphesheya komhubhe, maqondana

nakòKaMahlaba kwakunexhokovana ababehlala kulo òFanono noGogo wakhe;

behlupheka, bebulawa yindlala. UFanono òBheni noBongani basebemkhumbula

ngokuthi wayaye angabe esahamba uma esebona kuphakwa. Amehlo angabe

esasuka ezitsheni nasemabhodweni. Ngelinye ilanga esekuqedile lokhu ayekade

ekhangezwé khona, usesondela kòBheni noBongani noSizwe efisa naye ukudla nabo

kulesi sitsha abaphakelwe sona; wesaba nokho ukuthi abadala bazomkhuza, usethi:

“Hhowu!? Uthini uBongani?

Ngidle?!”,

usho uyaphindelela, lokhu ejeqeza efuna ukubona nòma abadala bayakuvuma yini

lokho:

“Ngidle?!

Hho! Uthin’ uBongan’?!”

Page 44: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Kwakuginca sekuyihlaya ayesekhunjulwa ngalo lelo. Wayedla asuthe kwami;

ngangilima yonke inhlobo yezilimo noKhumalo ehola kahle kwaLoliwe, ethola

nomemukelo; kwakuyisikhathi senala.

Uma uqhubeka ngomhubhe ubheké emfuleni, wedlula kwaBthelezi oganwé

ùkaMpinga, omunye wabantwababo kwakuyintombazane okwakuthiwa nguBongani.

Umfowabo omncane kaBthelezi waganwa nguFuyi wakwaZungu maqondana

nakwaMalinga ngendlela ebheké estobhini sebhasi esisenhla, okwahamba

kwahamba wagcina esaziwa ikakhulukazi eMondlo (kusukela ngò-1963)

ngelikaSpakpaku ngenxa yokuzimuka komzimba. Sihlobene nalaba bakwaBthelezi:

uKaBthelezi owayegané uBabomncane uSalatilyela (“uDakwa”) kwaBambelentuno

uzalana noyise wabo – yizelamani; bona bathi “anti” kuMam’omncane wami –

ngabazà’ bami.

Phezu kodonga, endlini yokugcina, ungakaweleli ezimbaxeni, kwagcina sekwahlala

uNkosi, uNehemiya (“uMsenteleli”) owayeqhamuké kwelaseNquthu, esebenza

enguweta `eSpringbok Tearoom´ eVlayhede ngokuqeda kòRie iskole esekhondari

(1959), bengena emsebenzini, besebenza naye kanye nòThokozani wakwaNkosi

waseMabululwane; umkaMsenteleli omusha, uKaMgabhi, kwakuthiwa wayekade

efundisa, yikho ebizwa ngokuthi `nguMèm’´ nje-ke.

Ngaphesheya komhosha eZimbaxeni kwakufike kube kwaMntabo, “uMafó-ayz” (=

“four eyes”) owayesebenza emoshwali esbhedlela, ehlela izidumbu, kunguye yedwa

lapha ngakithi owayefaka izibuko; akhelene nabakwaMntambo, kwaBheni,

owayeganwé ùKaPhakathi, egibela isithuthuthu nebhaysikili lomjaho, ebongelwa

yizingane zithi:

“Bhen’ Di!

Zaginqik’ iyntaba ngeyntaba!”

Eminye imizi eyayilapho eZimbaxeni kwakukubo kaTateni nakwaTitose,

kwaMthethwa, kwaMaThabede, ababezalana nòGcemeza nòMishaki esasakhelene

nabo. UMathewu, owayekhubazekile emlenzeni nasebusweni emhlathini

wanganxanye, ethanda ukuhlala egqize izevatho zobuYoni, wayengowakhona lapho

kwaMthethwa.

Page 45: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Emva kwakwaNxumalo kwahamba kwahamba kwagcina sekwakhiwe: kwake

kwahlala uNtshangase (= “uMgazi) owayesebenza nòKhumalo kwaLoliwe, eganwé

UKaMbhense isangoma, esasaziwa ngokuthi asipheki. Afike ekseni uMgazi eselandé

uKhumalo, beya emsebenzini, asheshe afike njalo kungakabi yisikhathi sokuhamba,

amemeze eseza lé, athi:

“Gqokela phandle, gqokela phandle,

Mfwakithi!

Gqokela phandle,

Ntabayezulu!”

Sitatazele, sesicabanga ukuthi sesishiywé yisikhathi! Angene uMgazi, abingelele,

ahlale phansi; lapho-ke uKhumalo ethi uzama ukusheshisa, ageze, agqoke; athi-ke

uMgazi:

“Aké sthol’ ukudlá-ke!”

(Sizibambe, singahleki; emva kokuba bese kujaheké kangakaya!)

UKaMbhense wayebhinca isidwaba.

UMbatha, “uDun’sela”, nabakwaMhlanga (kubo kaVeronikha owayethi akalingane

nòMamile) babakhé lapho phezu kodonga emva kwesiza okwakungesakwaNxumalo

ekufikeni kwethu kwaBhanya.

Miningi-ke neminye imizi esasakhelene nayo, sibonana siyokha amanzi noma

siyotheza, kubingelelwana, kuvakashelwana, nezingane zikhula zazana;

ngingeyibale yonke lapha.

*

wagula kwazekwamenela uKaSyaya

Sekufika umbiko othi uKhumalo akaphuthume, unina sewagula, washiywa yedwa

enxiweni KwaBayeni, àkanabani.

Page 46: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Wanikela khona uKhumalo. Ufica sebethuthile oSamsoni noKaSthole, bawelela

ngaphesheya kokhalo, baphemba isiza esisha abasibiza ngokuthi

“kwaVul’ingqondo”, washiywa yedwa uKaSyaya, unina wòKhumalo, enxiweni.

Usefé uhlangothi nomqondo usulahlekile. Kuxatshenwe; izelamani azisahoshelani,

unina sekuyisitakla-nje.

Afike aqoqe uKhumalo okwasalayo ezimpahlaneni zakhe ayayezithenga ezithumela

“ekhaya” iminyaka yonke le njengokwejwayelekile. Kwakuthi uma uthi

ukubuyabuya umqondo kugogo wenu, uKaSyaya, amoyizele, azame ukukhuluma,

kungaphumeleleki, agcine-nje ethé: “Hé! Siyokwakha! Siphume-nje, sithi

gelekeqe!”

Wamthwala-ke uKhumalo unina wambeletha emhlane, emsusa KwaBayeni, eqondé

ebhasini eNhlazatshe. Mkhulu ngomzimba uKaS’yaya, uyasinda. Libalele, liyashisa.

Umthwele umsaphi-ke phela ngoba ikhaya yilo lelo eselifuziwe KwaBayeni,

okwakuthi uma kuholiwe, kugitshelwe kuyiwe khona, uma kukhona okuhle

okuthengiwe, kuthwalwe noma kuphathiswe, kuthunyelwe khona? Inhlanzi

isishelwe ngamanzi!

Ithé uma ifika eVlayhede ibhasi, uKhumalo wamethula unina, wamthwala

wayomkhoselisa kwaSthole, uHezekiya, umzá’ wakhe, kwaVobo lapho ayesebenza

ehlala khona nomuzi wakhe, uyise wóNowa, oganwé uKaNkosi, niyamkhumbula:

Ugciné esesebenza emangcwabeni aselokshini uSthole ekuchithweni kwethu

kwaBhanya, sesiqubé emathendeni ezansi kwamangcwaba muva-nje kusukela ngo-

1963. Uzalwa ùMaKhumalo.

Washaya phansi, washaya phezulu uKhumalo ezama ukumtholela okokumelapha,

wenqaba uKaSyaya, ethi akawuthinti yena umuthi, uyikholwa; adumalele khona-nje

umntanakhe, ezama ukumsiza.

Kwabonakala-ke manje ukuthi mhlawumbe kungá’ ngcono kunxuswe kithi

kwaZungu, angenise khona, azonakwa yimi; ingani phela sengiyalotsholwa

kwaKhumalo nòma ngingakakhishwa-nje. Waqasha ikalishi uKhumalo, wathwalwa

Page 47: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

uKaS’yaya, wangeniswa olondweni kwethu kóKaMhlungu (“kwaGogo”), kulokhu

kungekho bungcono.

Ubusuku nemini kwakudingeka ngidamané ngimphendula, ngimshintshe

okokwembatha, ngimtholele okomileyo, ngizame ukumgwinyisa nòma ithanyana-

nje. Elokhu ezamile uKhumalo ukumncenga ngokwelashwa, aze akhulume

ngenhliziyo ebuhlungu, athi:

“Mama, ùyawenqaba umuthi; mina ngiyawazi, ngiyawusebenzisa;

ngingaké ngizame nezaba, ngehlulekele khona.

Kodwa wena àwuvumi!

Bathuthile bakushiya phansi laba okholwé nabo.

Njengoba usudinga usizo-nje, abasekho!”

Phinde.

Waphulukundlela uyihlo omncane, uEsawu, esuka emsebenzini eBhrakpani, wafike

naye wakhathalela khona. Ebathé uyazama ukumkhulumisa unina, lutho

impendulo. Ashikashikeke kuye, embuzisisa ukuthi uyambona yini – indodana

yakhe, uEsawu; kuyothi ngelikade, amoyizele-nje, agcine evelé ngelithi: “Hé! …

Mnx!” Azame uEsawu nokumxoxisa, emxoxela ngezasemsebenzini, amfumbathise

nemali yomholo ayemphathele yona, ambuze ukuthi uyozithengelani-ke nayo.

Phinde!

Akhale uEsawu.

Lutho!

Uma belekelelana, bezama ukumnika okokumelapha, ale; kuthi noma bekusondeza,

bemkhangeza, akukhapheze, avule isandla kuchitheke.

UKaS’yaya kwakuyinkosikazi enomzimba, ishikile, inezwi elincane.

Ngokudabuka yayingeyaphesheya koPhongolo, “eSwazini”, kwelikaMbanzeni.

Page 48: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Yayithi uma incokola ngabakoti bakwayo, ithi: “Bayekeni-nje bangihleke,

bangihlebe nasemakubo, bethi: `Wowu! Unina! Izinyawo zakhe

zingakananai!´… Bazozizala; ngizobafuzisela bonke!”

KwaKhumalo – bese ngishilo – uKaS’yaya wayekade ashonelwa ngumyeni

wakhe, uNtshumayelo (“uFalaza”), besatholé izingane ezimbili-nje,

óSamsoni noBhelina; njengokwesiko-ke kwasuka umnewabo, uSomcuba

(“iNgobamakhosi”), kwaba nguyena osenguyise wabantwana, wavusela

umfowabo umuzi; belamanisa ngoyihlo, ngoyihlo omncane kanye

nentombazane yewele eyendayo.

Zikhula-nje zonke izingane, zazi uSomcuba njengoyise; àkumfihlo. Yonke

imizi yakhile-nje iyalazi, iyaligcina futhi leli siko.

Ekukhuleni kwazo lezi ezimbili ezindala, zavama ukuba nobandlululo

nenhlamba; lezi ezimbili ezincane zethukwa ngezindala zizibiza

ngamavezandlebe.

Kuxatshanwa-nje kuze kusongelwana, kudikilwana, kwehlukanwa, uSamsoni

ephuma, edela nonina, eyokwakha “KwaVul’ingqondo”, kade yayihlekisana

ihlomelene, benhlembenhlembe-nje.

Ugula eshona-nje uKaS’yaya, luqhekeké phakathi uzalo.

Kuhambé kwahamba kwagcina kuvelé noKaSthole, ezombona. Kule ngxabano

eyayikhona-ke kwakubonakala-nje ukuthi ufikile yena ukufika, kodwa uqhelile.

Kwakuze kube sengathi uyangibhuqa uma ebona ubunzima bokunakekela ugogo

wenu engangibuthwele, siminyene olonjwaneni wakwethu, athi-ke uKaSthole:

“Wowu! Uyokuzonda-ke wena ngengoba umtatamisa kanjena-nje.

Uyomane aphume ngawe-nje!”

KwabaKwaBayeni akuzange kuvele muntu omunye ngaphandle koKaSthole. Kulokhu

kunjalo nje-ke ukufa; kungekho bungcono.

Page 49: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Kwaze kwathi ngelinye ilanga kwafika uMathenjwa, umyeni kaBhelina, evela eNgoje

lapho phela babesuké khona abakwaKhumalo lokhu sebakhé kwelaseMahlabathini

muva-nje. UMathenjwa uthunywa yilabaya baseNgoje ayekade ehlalisene nabo

kahle isikhathi eside uKaS’yaya bengabakhelwane futhi bengabazalwane bakhe,

bathi “mlande”. Kwayena uMathenjwa wayehlala kubo laba bantu,

wayengenamuzi. Sengisilibele isibongo sabo.

Kwaboniswana, kwaqashwa ikalishi, wathathwa uKaS’yaya wasiwa eNgoje,

washonela khona.

kwaVul’ingqondo

Ukuphuma kwensizwa endala yóKaSyaya, uSamsoni, nomuzi wayo, bawelele

ngaphesheya kokhalo, baphembe isiza esisha, kwakusuké ekuhilizisaneni-nje

okungatheni:

Kuvakashelwé ekhaya njengokwejwayelekile, uyihlo usesibayeni kuyasengwa

ekuseni-nje; nabafana óJona nampa nabo bayelekelela.

Sekuthi uKhumalo ethethisa uJona ngokuthatha dedengu, enza kancane

kuqheliswa amankonyane kònina, usethi ukumethusa ngoswazi; kwabe

uzithintele kunina!

Wabhoka uKaSthole, wathi akamfunde nezibi uKhumalo! Wamnqumela

eduze, emsola ngokuthethisa ingane kanjalo. Dlengelele wonke owayelapho;

ulaka olungako kungalindelwe-nje.

Usesuka uKhumalo ngokuthukuthela eziphendulela; yaqhubeka ingxabano.

*

Sesizwa sekuphendula uSamsoni eGoli kade ebhalelwé ùKaSthole embikela

ngalesi sehlakalo: Alusafakwa-ke kuSamsoni; wavela-nje ngokuthi uzomvula

ingqondo umnewabo!

Page 50: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

Wamemunca izinkomo ezazizolobola kithi kwaZungu, wathi azisayi. Kwathi

kwaZungu bethi bathumela abantu abayolanda izinkomo ezase zivele

zikhonjiwe, babuya ze.

Nebala: Balishiya phansi inxiwa lakwabo, lapho uyihlo noyihlo omncane nabo

ababethi uma beholile, bathumele khona nemali noma beselivini, bagibele baye

khona, bephethe konke izinsizwa ezizithengela khona esilungwini ziyozibekela

khona ekhaya. Imfuyo nazo zonke ezinye izimpahla bazishaqa, kwasala lokho-nje

okuqondene ngqo noyihlo.

Wala uKaSyaya ukuhamba nabo, athuthe ashiye izimpahla zomntanakhe ehlane;

bamshiya enjalo. Ujunywa ùkufa-nje, efa uhlangothi, ephambana ikhanda, usesele

yedwa enxiweni.

Kanjalo-ke bawubiza ngokuthi kukwaVul’ingqondo umuzi wabo omusha. Izinkomo

zikaKhumalo – nalezi ayeselobolé ngazo kwethu – zagcina ziphelelé lapho

kwaVul’ingqondo. Zonke izinkomo nezikaKhumalo omncana oseBhrakpani

zathathwa; yena-ke ezakhe zaziziningi futhi enezimbuzi; hhawu, zathathwa

abakwaVul’ingqondo.

Page 51: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana

isithasiselo

Uhlu lwamagama engiwakhumbulayo [KwaBhanya]:

uMpandlana, uThandi, uMfan’seni, oKaNkwanyana kwaMtshali uGwadlela Smelane nodadewabo uMntombini UKaNhleko noMbatha, uFakazi, abazali bòNdingilizi uKaMadela waseMakhwatheni noSthole uMalakatha uKaKhonjelwayo wakwaDube uKaMchunu noPatrick Dube, abazali boMbili (umqombothi) uKaNkosi, uWinnie, wakwaNtombela, unina woMdlinzi noMpini noSbongile(?) noElla/Bongi noKhwini uKaNkosi wakwaMakhanya, unina woBabuzeni noLafayeli (`uSkhov’ uMandukulu!´) noTanana uKaMathwala wakwaMthethwa, unina woBhunywana uMaZulu, uAsyena, wakwaMwelase, unina woThandi noLinda (uModikhayi, `iMvuz’amathe´) uKaMthethwa, uNomaNgisi wakwaMpanza uMaZwane wakwaKhumalo, uSwenka, unina woSofi noDoli uMaNkosi wakwaSangweni, unina kaJosaya, uthisha, noAylini, noMthilili, noMahholo, noMbongi, noDade, noNomgqibelo (uMgqigqi), noNtomb’kithi, KwaSangweni wamanzi KwaSangweni oziwelayo KwaSangweni uMndeni (uMbonisi, uMdudu KwaSangweni oganwé nguMaKhumalo uHarriet, unina kaDudu uJukhali nokaMbhatha (unina woGane, noBswezi noHleziphi) bakwaNyanda uMaZwane (unina kaMzilikazi) uHeleni uAli (unina woNdodenjani noVelaphi) bakwaNdlovu, iNyasa uKaMbhatha, uGasta (unina woWili, noMathiki) bakwaNtshingila uAmama uDululu uBthelez‘ ongenangalo („uNginyana“) uMdlalose, „uHlanganangaye“, uyise woTezane noSibonangani KwaManana uNgema, uNehemiya, estolo (umkhulu kaSapute, uSisiliya, “intombi kaBheni“) uKhumalo, uSalatiyela, ozala oMayleti uKaSthebe (ongaphesheya nonganeno)

Page 52: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana
Page 54: i s i d i n d i - Dr. Ben Khumalo-Seegelken€¦ · Lo mlando ngiwubhalela abantwabami nabazukuluukuze bakhumbule ubuhle nobunzima esedlula kubo, bakhule ngokwazisana nokubambisana